Izangoma zezulu zakwaSA Weather Service ziqagula ukuthi lizobe lina cishe isifundazwe sonke iKwaZulu-Natal namuhla
Image: Doctor Ngcobo/ Independent Newspapers
UZOKWAMUKELWA ngemvula u-2026 njengoba izangoma zezulu zakwaSouth African Weather Service ziqagela ukuthi lizoyithela namuhla nangoNcibijane.
Isangoma esizinze KwaZulu-Natal, uNhlanhla Sithole, sithe emini kuzoshisa bese kulandela izimvula zantambama.
“Ezindaweni eziningi kuzobe kufudumele. KoMnambithi nakoNewcastle amazinga azobe eko-32. Maphakathi nesifundazwe khona lingenhla ko-25 bese kulandela izimvula zantambama eziphelezelwa ukuduma kwezulu,” kusho uSithole.
“Athanda ukuba mahle amathuba emvula kusasa. Uma sibheka aku-80% entshonalanga nesifundazwe naseMajuba, oThukela naseHarry Gwala.”
Uthe koZululand, Mzinyathi, Mgungundlovu, empumalanga yeHarry Gwala, Ugu lonke naseThekwini lonke amathuba emvula angu-60%.
Uqhube wathi angu-30% eMkhanyakude nasempumalanga yeKing Cetshwayo.
“Isexwayiso esisasikhiphile njengamanje okungenzeka sishintshe ngesiphuzi sesigaba sesibili. Ngesemvula ephelezelwa ukuduma kwezulu, engahambisana nomoya nezikhukhula zesikhashana, umbani nesichotho. Uma ngithi ngiyabuka ezindaweni eziseningizimu yesifundazwe zingaba nenhlanhla kusuka ngo-10 kuya ku-1 entathakusa ukuthi lingani. Kweziningi kungenzeka line,” kusho uSithole.
Uthe nangoNcibijane kulindeleke imvula.
Kusuka namhlanje kuze kuphele impelasonto miningi imicimbi ehleliwe ezindaweni ezehlukene abantu abazobe bezijabulisa kuyo ukuvala nokwamukela unyaka omusha.
Related Topics: