Izindaba

Lilodwa ibhishi elingezukusebenza eThekwini ngoNcibijane

Simangaliso Ntshangase|Published

UMASIPALA weThelu usuqinisekise ukuthi yiBlue Lagoon kuphela ibhishi elingezukusebenza ngoNcibijane ngenxa yokuthikanyezwa yimvula

Image: SIGCINIWE

UMASIPALA weTheku usumemezele ukuthi lilodwa kwawu-23 ibhishi laseThekwini elivaliwe ngenxa yomthelela wemvula enamandla ebikhona kulezi zinsuku ezedlule, necekele phansi ingqalasizinda ezingxenyeni ezahlukene zezwe nezezifundazwe iKwaZulu-Natal. 

Lokho kushiwo wuMqondisi woPhiko lwezamaPaki eThekwini uDkt Simphiwe Ndlovu, lapho eqinisekise khona ukuthi yiBlue Lagoon kuphela ethikanyezwe yimvula, bese kuthi wonke lawa amanye amabhishi awu-22 akhele iTheku ayasebenza ngendlela efanele.

Usho lokhu enzela ukucacisela abantu nokubakhulula njengoba kwaziwa ukuthi kumanje bayaviva, bahlomela ukuyozijabulisa emabhishi ukuhlukanisa unyaka namhlanje, kuqhubeke kusasa ngoJanuwari 1 ku-2026, kuze kuklapakele kwimpelasonto yonke bezijabulisa.

“I-Laguna ivalwe ngoba senzela ukuqinisekisa akungeni muntu kuyona okwamanje kuze kube wukuthi sekuphephe ngokwanele nokufanele ukuthi abantu bezobhukuda noma bazijabulise ngezindlela ezahlukene khona,” kusho uDkt Ndlovu.

Eqhuba, uthe izingabunjalo lamabhishi lihlalwe lihlolwa masonto wonke bese imiphumela inikezelwa ebantwini ngezinhlelo zabo zezokuxhumana ukuqinisekisa ukuthi abantu bayazi futhi baqonde ukuthi yimaphi amabhishi asebenzayo nangasebenzi ngaleso sikhathi.

Ngemininingwane egcwele malungana nezamabhishi nokunye kwedolobha ungavakashela i-website ethi: www.durban.gov.za