Izindaba

Kwethulwe isihlangu esisha sokuvika i-HIV

Zimbili Vilakazi|Published

Kwethulwe imishanguzo emisha yokuvika igciwane lengculazi

Image: Navesh Chitrakar /Independent Newspapers

UMNYANGO wezeMphilo KwaZulu-Natal unxuse intsha ukuba ingalenzi iphutha ishalazele iLena, ezokuba wusizo empilweni.

Lokhu kushiwo uMphathiswa walo mnyango, uNksz Nomagugu Simelane izolo ngesikhathi esemphakathini waseLister Farm, eNewcastle, eyokwethula iLena.

I-Lena yigama elinqanyuliwe likaLinacapavir, okuwumjovo, ojovwa kabili ngonyaka ukugwema ukusuleleka ngeHIV.

UNksz Simelane uthe kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi iHIV ne-AIDS kuseyinkinga eNingizimu Afrika, wathi namanje izinkumbi zabantu zisasuleleka ngegciwane unyaka nonyaka.

"I-Lena wumjovo wabantu abangakasuleleki ngegciwane futhi abafuna ukuzigcina benjalo," kusho uNksz Simelane.

Uthe lo mjovo awuzile ukungena endaweni yephilisi lokuvika lesi sifo ebelivele likhona. 

"Uyindlela eyengeziwe, ezosiza labo abehlulekayo ukuphuza iphilisi zonke izinsuku. Abanye bayakhohlwa ukuliphuza, abanye basaba ukucwaswa, kuthi abanye bagcina bekhathala ukuwaphuza zonke izinsuku. I-Lena inika labo bantu endlela yesibili elula," usho kanje.

Uthe ukwethulwa kwalo mjovo kusho ukwandiswa kwezindlela zokuzivikela, nokusho ukuncipha kwesibalo sabantu abasha abazosuleleka ngegciwane. 

Uthe iLena izoqala ukutholakala kuyo yonke imitholampilo nezibhedlela  ngoFebhuwari 2026. 

Uxwayise abantu ukuthi iLena ivikela ukwesuleleka ngeHIV kuphela hhayi ezinye izifo ezithathelana ngokocansi futhi ayikuviki ukukhulelwa. 

"Amajazi omkhwenyana asabalulekile njengoba wona ekwazi ukukuvika konke," kusho uNksz Simelane, othe basazoqhubeka nokwenza imikhankaso ezindaweni ezehlukene ukukhuthaza abantu ukuba bayisebenzise iLena.