Izindaba

Isenzo sikaMchunu senze uDisemba 31 wabizwa ngosuku lwakhe

Fanelesibonge Bengu|Published

UNgqongqoshe wamaPhoyisa osekhefini eliyisipesheli uSenzo Mchunu

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

Umanaphanapha ukwenziwa ihlaya ezinkundleni zokuxhumana uNgqongqoshe wamaPhoyisa osekhefini, uSenzo Mchunu, njengoba namuhla ngoLwesithathu kuhlangana unyaka abhala incwadi eyamdonsela amanzi ngomsele eyalela ukuthi kuhlakazwe ithimba eliphenya ngokubulawa kosopoliiki, iPolitical Killings Task Team (PKTT).

Isenzo sikaMchunu sacasula kakhulu umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi, lapho iPKTT ezinze khona. Wabiza isithangami nabezindaba ngoJulayi wasola uMchunu ngokusebenza nezigebengu ethi kukhona omfunze ukuthi athathe lesi sinqumo.

UMengameli Cyril Ramaphosa wasungula ikhomishana ezophenya ngezinsolo eyenganyelwe yijaji eselathatha umhlalaphansi, uJaji Mbuyiseli Madlanga.

Kusuka iqalile le Khomishana kaMadlanga sekuvele okuningi okushaqise abantu futhi umbiko wayo wokuqala isiwuthumelile kuRamaphosa.

Uqeqwe lommeli oluphinde lube yilungu leMK Party, uDali Mpofu, libize usuku olwandulela olukaNcibijane nge "Senzo Mchunu Day".

“Kusuka manje usuku olwandulela uNcibijane seluzokhunjulwa ngebhadi lokuhlakazwa ‘ngaleso sikhathi’ kwePKTT ukusiza ukubambisana okungalungile phakathi kwezinhlaka zzethu zobulungiswa ezigcwele ubugebengu namaqembu emigulukudu, abashushumbisa izidakamizwa nababulali!!” kubhala uMpofu.

ULady M naye ubhale ku-X ukuthi ufisele abantu usuku oluhle lukaSenzo Mchunu wathi yena wayengaphansi kwengcindezi yokuhlakaza iPKTT ngesikhathi abanye belungiselela ukuhlukana konyaka.

“Mhlaka Senzo Mchunu,” kubhala uLuyi Blessed.

UMchunu kulindeleke ukuthi abuyele ngonyaka ozayo esigqikini seKhomishana kaMadlanga ukuthi ayochaza ngesinqumo sakhe sokuhlakaza iPKTT.