Izindaba

Indumalo ededelwa ngebheyili ohamba ngesihlalo esinamasondo

Nkosikhona Cele|Published

Ukhishwe ngebheyili osolwa ngokusebenza nezinkabi

Image: Sigciniwe

APHUME enxapha amalungu omphakathi aseMbumbulu, ngesikhathi ededelwa ngebheyili owesilisa ohamba ngesihlalo esinamasondo abakholwa ukuthi sekuphele isikhathi eside kakhulu ebahlalise lubhojozi kule ndawo.

Kuthiwa uMnuz Skhumbuzo Dube okhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngosuku olwandulela uKhisimusi, ngecala lokubulawa kowesilisa waseMlaza, owadutshulwa ngonyaka owedlule.

UDube usolwa ngamalungu omphakathi aseMbumbulu, ngokuthi ubekade emdibimunye nenkabi ebisatshiswa okwenyoka kule ndawo egcine ibulawa ngamaphoyisa kuwona lo nyaka, uQha Dlamini.

UDlamini kwagasela amaphoyisa ekwakhe ezombopha, kwathiwa yena wavele wavulela ngenhlamvu ewadubula nge-AK47. Lwagoba uphondo kuyena ngesikhathi amaphoyisa esedubula nawo ebhekise kuyena.

Ukubulawa kukaDlamini kwadala inhlokomo enkulu kule ndawo, abantu bejabulela ukubulawa kwakhe. Iningi labo lalikholwa ukuthi kuzoke kube nokuthula, kume nokufa kwabantu kule ndawo.

Iningi labantu lalikholwa ukuthi ubaqedile abantu eMbumbulu esebenzisana noDube lo odedelwe ngebheyili.

Abakhulume neSolezwe bathe uDube bambona esehamba ngesihlalo esinamasondo nje, kwathiwa ulimele ngokudutshulwa kodwa kabazi ukuthi wadutshulwa ngubani futhi nini.

Izolo, iNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu, imnikeze ibheyili ka-R1 000. Uzobuyela kule nkantolo ngenyanga ezayo.

Kulo nyaka zibe ziningi kakhulu izigameko ezibe khona zokubulawa kwabantu. Bonke bebefa ngokudutshulwa behlaselwa besezindlini zabo. Abanye bebedutshulwa besendleleni beya emisebenzini. Kukhona nabanye abaze bakhetha ukuthi bayifulathele indawo yaseMbumbulu, bakhala ngokuthi sebelala bevule iso elilodwa.

Phakathi kwezinye izigameko ezashiya umphakathi wakule ndawo uthuthumela kufaka phakathi ukusocongwa kweNduna uMsweli kwase kulandela nendodana yakhe.

Kwadutshulwa kwabulawa nabanye abahlanu ababekade bengaphandle komuzi. Namanje akwaziwa ukuthi ngobani ababulala laba. Kwaphinde kwabulawa noMnuz Alfred Masinga owadutshulwa wabulawa esemzini wakhe.

Kukhona isikhathi lapho khona umphakathi wakule ndawo owawucabanga ukuthi izigameko zokubulawa kwabantu ziwumnyombo wokwebiwa kwemfuyo okuwumkhuba owawusuphenduke insakavukela.

Nokho babuye bashaya ungqimphothwe, sebethi kabasaqondi ukuthi abanjani abantu ababulawayo nokuthi kungani bebulawa.