Izindaba

Utholwe ebhace efulethini lentombi oweba amaselula

Nonkululeko Nhlapo|Published

Umsolwa uqoshwe kwi-video eba iselula yowesifazane

Image: x

Ukubambisana kwabantu ezinkundleni zokuxhumana kuholele ekubanjweni kowesilisa odabuka eZimbabwe ocashunwe kwi-video eba iselula yowosimame obenyuka izitebhisi eyongena endaweni yokudlela ngempelasonto.

Isisulu sivule icala emaphoyiseni aseBrooklyn SAPS.

Ithimba lamaphoyisa kamasiphala waseGoli iJMPD Tactical Response Unit (TRU) imubhadame eHillbrow owesilisa ongowokufika obefunelwa icala lokugebenga owesimame iselula.

Kuphinde kwaqinisekiswa ukuthi umsolwa ungaphandle ngebheyili kwelinye icala elenzeke lisePitoli futhi usephule imibandela yebheyili yakhe.

Bonke abayizisulu zobugebengu bakhe bayakhuthazwa ukuthi bavule amacala ngokusemthethweni ukuze baqinisekise ukuthi abenzi bobubi bayaboshwa. Yize izinkundla zokuxhumana ziseyithuluzi elinamandla lokuthungatha abasolwa abafunwayo, kubalulekile ukuthi kubhaliswe amacala asemthethweni. Lokhu kuqinisekisa ukuthi uma abasolwa abahlonzwe ezinkundleni zokuxhumana sebeboshiwe, bangabekwa amacala ngokusemthethweni ngokwamacala avulwe ezindaweni ezahlukene.