Umsolwa ngeke adalulwe igama engakakhonjwa abagilwa
Image: SAPS
UKhomishana kaZwelonke we-SAPS, uGeneral Fannie Masemola ulishayela ihlombe ithimba lezinhlaka ezahlukene eliphenya ngesigameko sokudubula e-Atteridgeville esishiye abantu abayishumi nambili beshonile kwathi abanye abayishumi nantathu balimala, ngokubanjwa kwabasolwa.
Ngesonto eledlule, umkhankaso obandakanya amaphoyisa aseGauteng naseLimpopo abophe oyedwa kwabathathu abangabasolwa, ePolokwane, eLimpopo. Ngesikhathi eboshwa, amaphoyisa ashaqe isibhamu nezinhlamvu eziningi ezitholwe kuye. Ngemuva kokuhlolwa kwesibhamu, amaphoyisa asengakuqinisekisa ukuthi isibhamu esithathwe ngamaphoyisa ngesikhathi kuboshwa umsolwa sihlobene nesigameko esenzeka e-Atteridgeville. Umsolwa uzovela namuhla ekuseni ePolokwane ngecala lokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni kanti ngoLwesithathu, 31 December 2025, umsolwa ofanayo uzodluliselwa eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville ngamacala angu-12 okubulala nangu-13 okuzama ukubulala.
Umsolwa ngeke adalulwe igama lakhe okwamanje njengoba kusalindwe ukuphothulwa kwe-Identity parade. Kusathungathwa abasolwa ababili abasagcwele amathafa.
Isibhamu esitholwe kumsolwa
Image: SAPS