Izindaba

SIGOQA UNYAKA: Awuvula ngeWest unyaka amaphoyisa aseKZN

Zimbili Vilakazi|Published

Umholi weWest Gang uMnqobi Nzimande owadutshulwa wabulawa amaphoyisa eCottonlands, Verulam.

Image: Facebook

UMnqobi "Namba 10" Nzimande (22) waseMzomusha, eNanda, wadutshulwa amaphoyisa ekupheleni kukaJanuwari, etholana phezulu namaphoyisa eCottonlands, eVerulam. 

Kuthiwa wayengumholi wEqembu lemigulukudu i-West gang, ovutha ekhaleni. 

Ngokubika kwamalungu omphakathi asezindaweni ezehlukene eNanda, KwaMashu naseNtuzuma, leli qembu beliwuhlalise lubhojozi umphakathi ngobugebengu.

Kuthiwa amalungu alo abamba inkunzi esebenzisa indlakadla, edlwengula futhi engakunqeni ukuchitha igazi. 

Ngokusho kwamaphoyisa ngesikhathi ethela othulini uMnqobi, kwase kuphele eside isikhathi emfundela amacala angaphezu kuka-20, athi kuwona kukhona angu-10 okubulala. 

Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo walo oseNanda, emva komngcwabo wakhe, kuqale umbango wokuthi ngubani ozothatha izintambo zokuhola iqembu.

“Lo mbango uqale ukuthatha elinye igxathu emasontweni ambalwa edlule, sesizwa kuthiwa sebeyadubulana, babulalane, bebanga isikhundla,” kusho umthombo.

Uthe esigamekweni sakamumva esenzeke eNhlungwane, ngoLwesine, kudubulane ababili, bafa. 

Umsunguli weNtuzuma Neighbourhood Watch, esabalale nakwamanye amalokishi eThekwini, uMnuz Andile Jali ukuqinisekisile lokhu.

Uthe bezwe ngokwenzekilebesemhlanganweni wokulwa nobugebengu esiteshini samaphoyisa eNanda.