UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nokuzola Tolashe
Image: Supplied
UNGQONGQOSHE woMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nokuzola Tolashe, usezwakalise ukukhathazeka kwakhe malungana nesigameko esisanda kuvela se-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana, ekhombisa izingane ezincane zinkunka utshwala.
UNkk Tolashe uthe lesi sigameko simshaqise kakhulu yena nomnyango awuholayo futhi wazibophezela ukusukumela lolu daba ngokushesha ukuze labo abathinteka esigamekweni sokunikezela ngotshwala ezinganeni ezincane bathathelwe izinyathelo.
“Sesivele sesiqalile ukuphenya ngalolu daba. Sizothatha izinyathelo ezifanele. Kanti futhi siyanxusa ukuthi bonke labo abazibonele ngamehlo abo ngenkathi kwenzeka lo mhlola noma abanemininingwane egcwele ngawo, ukuthi basithinte ukuze sikwazi ukusheshe sifike esiphethweni sokumele kwenzeke,” usho kanje.
Eqhuba, uthe isikhathi samaholidi okuphela konyaka yilapho okumele ngabe abantu bakhombisana uthando bese bephumulela unyaka omusha ngakho kuyamdumaza ukubona ukuthi kunabantu abasebenzisa injabulo ekhona ukwenza izinto ezingafanele.
“Lokhu esikubona kwenziwa ezinganeni kuzoba nomthelela omubi ngokuqhubeka kwesikhathi kuzona izingane, emphakathini nasemindenini yazo. Ngakho ngikhumbuza bonke abazali ukuthi kuwumsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi izingane zabo zihlale zivikelekile ngayo yonke indlela, ikakhulu ngalesi sikhathi lapho injabulo iba phezulu, kangangokuthi abanye abantu ababe besanaka izinto ezisemqoka,” kusho uNkk Tolashe.
UNgqongqoshe udalule nokuthi bazoqhubeka basebenzise umthetho wokuvikela izingane iChildren’s Act 38 wango-2005, ukuze kuthi ezigamekweni ezifuze lesi - kubekwe eqhulwini ukuvikela izingane nobumqoka bamalungelo azo.
“Nginxusa nawo wonke umuntu ukugwema ukuphuza utshwala ngokweqile nokuthi kugwenywe ukusebenzisa izidakamizwa. Lezi zinto zenza ukuthi imindeni ingabi nakho ukuthula. Lesi yisikhathi okumele ngabe sikhuthaza ukujabula kwabantu nemindeni yabo, ikakhulu labo abahlala ngokuqhelelana isikhathi esiningi. Kuhle ukujabula kepha nokuzigada nokuqaphela kusemqoka kakhulu,” kusho uNgqongqoshe.
Ucebise nangokuthi uma umuntu nomuntu enomuntu amaziyo onenkinga yokusebenzisa utshwala nezidakamizwa ngokweqile, engavakashela emahhovisi oMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi aseduze naye, noma ashaye ucingo ku-080 012 1314 noma athumele umqhafazo ku-32312.