Kukhalwa ngokuzitshwa kwenkinga yeminyaka esibhedlela esisemakhaya
Image: Facebook
SIBHEKENE nengwadla yenkinga yamanzi isibhedlela sesifunda, iChurch of Scotland, esiseMsinga, okuthiwa sesidonse isikhathi eside kakhulu kungaphumi ngisho iconsi kompompi.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa, uthe bayalwazi udaba lwenkinga yamanzi kulesi sibhedlela.
Echaza ngalokhu uthe: "Kuliqiniso ukuthi amanzi endaweni sekunesikhashana engekho nokuwudaba olusetshenzwa ngumasipala wendawo. Nathi lokhu ukungabi bikho kwamanzi endaweni kuyasithinta kakhulu. Kodwa umnyango wenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi kunamanzi esibhedlela.''
Eqhuba uthe zikhona ezinye izindlela abazenzayo ngenhloso yokubhekana ngqo nale nkinga ekhinyabeza ukusebenza kwesibhedlela.
''Sikhuluma nje, sinalo ipitsi elisebenzayo bese kuthi amanye amane sisohlelweni lokuwalungisa ukuze nawo akwazi ukunezelela ngamanzi. Kuphinde kube khona amathangi amanzi umasipala ofaka kuwo amanzi uma ekhona,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi banayo nemoto ethwala amanzi yomnyango okuyiyona elekelelayo uma sekukubi kakhulu, wathi angeke bakushaya indiva ukuthi inkulu kakhulu inkinga yamanzi kulesi siya sifunda sikaMasipala uMzinyathi.
''Lena yinkinga endala nekapakela esikhungweni sethu, yize noma umnyango uhlale uqinisekisa ukuthi esikhungweni awapheli nya amanzi,'' kusho yena.
Yize lesi khulu sikhulume kanje kepha Isolezwe lithole ukuthi iziguli eziseduzane kuyenzeka zitotobe ziyogeza amakhaya, bese ziphinde zibuyele esibhedlela ngenxa yayo inkinga yamanzi.
Sikhulu kakhulu isikhala emphakathini kangangoba abanye sebeze baphakamise ukuthi ngabe kungcono uma singavele sivalwe lesi sibhedlela esiphakathi koMvoti neDundee.
"Ngabe kungcono uma singamane sivalwe simane sazi ukuthi asinaso isibhedlela kule ndawo kunokuphila le mpilo esiyiphilayo njalo uma kunezihlobo zethu ezingaphakathi,'' kusho ilungu lomphakathi ngokukhathazeka.
Omunye okhulume neSolezwe onesiguli sakubo esingaphakathi kuyimanje, uthe lena yinkinga esifana nento engathusi kulesi sibhedlela esinemibhede yokulalisa iziguli ebalelwa ku-350.
''Ngikutshela ukuthi kungumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi siyamlethela amanzi njalo ngosuku. Le mpilo inzima kakhulu nathi njengomndeni isiqala ukusikhathaza kakhulu. Ngikhuluma nawe nje, sekuphele izinyanga ezintathu senza lo msebenzi njengoba ilungu lethu selinesikhashana lingaphakathi. Awungitshele-ke ukuthi ubani okumele amele ukuhambisa amanzi esibhedlela njalo ngosuku?” usho kanjena kuzwakala ukuthi unokukhathazeka.
Isolezwe likhulume nomunye onesihlobo esingaphakathi naye ocele ukuba ligodlwe igama lakhe. Uthe njengomphakathi sebehlanze ngedela ngendaba yokuthi siyoke sibe khona isixazululo senkinga yamanzi esibhedlela, wathi ayikho into abangayenzanga njengomphakathi bezama ukuqinisekisa ukuthi lolu daba luyafinyelela lapho okumele lufike khona kodwa uthe kumane kufane nje nokuthi bathela amanzi emhlane wedada.
"Isiyadabukisa manje inkinga yamanzi kulesi sibhedlela, yinto njengomphakathi esesimane savuma nje ukuthi siyophila nayo ingunaphakade. Ngimdala ngimngaka angikaze mina ngibone inkinga engenaso isixazululo nendonsa isikhathi eside njengalena esikhuluma ngayo lapha. Iqiniso ukuthi sibi kakhulu isimo kulesi sibhedlela futhi sesimane samukela ukuthi ngeke size siluthole ndawo usizo ngale nkinga,'' usho kanjena.
Omunye umthombo uveze ukuthi inkinga okukhulunywa ngayo icishe ibe neminyaka ebheke kwemine.
UMnuz Zakhele Makhathini oyisakhamuzi, uthe akasazi nokwazi ukuthi le nkinga yaqala nini. Uthe eminyakeni emithathu eyedlule nabo babeqiqinga amanzi behambisela owomndeni wabo owagcina edlulile emhlabeni.
Uchaze lesi simo njengento eyichilo neveza ngokusobala ukuthi uhulumeni uhluleka kangakanani ukuxazulula izinkinga zezidingongqangi emphakathini.
Ubuze ukuthi yini abangathi bayayivotela kule ndawo ekubeni kunenkinga yamanzi esidonse isikhathi eside kangaka?
Uthe bake bahlongoza nemashi eya khona esibhedlela kodwa babuye bayihoxisa ngoba bebona ukuthi nalokho ngeke kuze kubasize ngalutho.
Esinye isiguli ebesisanda kuphuma ngaphakathi, sithe impilo inzima kakhulu kulesi sibhedlela njengoba sibalise ngenkinga yamathoyilethi angcolile.
Sithe kukhona amathoyilethi ashaywayo, sathi abanye bawasebenzisa enjalo, bese kungcina kuba nephunga elingabekezeleleki kanye nokungcola, sathi abanye uma beya kuwoba basizwa ukuphatha izigujana ezincane abasuke beziphathelwe yizihlobo zabo uma zizobabona.