Izindaba

Kuchithwa eyomfundaze kwabaphuma kwa-matric abazokwenza iziqu ze-ECD

Mhlengi Shangase|Published

Siviwe Gwarube

Image: Basic Education Department / X

UMNYANGO wezeMfundo eyisiSekelo, usuchithe imibiko esabalele yokuthi uzohlinzeka ngemifundaze kwabaka-matric, abazokwenza iziqu ze-Early Childhood Development (ECD).

Lokhu kuvezwe ngumnyango ezinkundleni zokuxhumana, emuva kokuvela kwemibiko yokuthi kunemifundaze ezokhishwa kwabazokwenza lezi ziqu.

Ngokwalesi saziso, umnyango umema abafuna ukufundela lo mkhakha babe ngothisha be-ECD.

Sithe laba bazofunda iminyaka emine emanyuvesi athile.

Isitatimende somnyango siveze ukuthi yonke into ethinta izimemezelo yenziwa ezinkundleni ezifanele zomnyango.

"Siyakuchitha ukuthi kunemifundaze yabebenza u-matric ezokhishelwa labo abafuna ukwenza i-ECD. Sixwayisa umphakathi ukuthi uqaphele ngoba amampunge lawa asabalele ezinkundleni zokuxhumana," kusho umnyango.

UNgqongqoshe wezeMfundo, uNksz Siviwe Gwarube, wabeka phambili umkhakha we-ECD njengoba ethi uma kuntenga isisekelo semfundo, abafundi bafika emazingeni aphezulu bengayiqondi into abayifundayo.

Watshela iPhalamende ukuthi abafundisa lo mkhakha ababalelwa ku-2 000, kwabangu-7 000, ngeke bakwazi ukuphucula imfundo yabo ukuze bathole iziqu ngoba sebebadala, abanye sebezothatha umhlalaphansi. Abanye bazothola ithuba lokufunda e-Unisa ukuze babe nalezi ziqu ezidingwa ngumnyango.

Umnyango usemkhankasweni wokuthi bonke abafundisa lo mkhakha babe neziqu ezifanele njengoba i-ECD isingaphansi kwalo mnyango isuka emnyangweni wezeNhlalakahle. Kubhaliswa nezikhungo zama-ECD ukuze zaziwe ukuthi zingaki ezweni nokuthi zifundise into eqondile, izingane zingafiki zilale bese zigoduka zingafundanga lutho.

Uhulumeni utshale u-R10 billion kulo mkhakha ukuze kuqiniswe isisekelo sezemfundo kuleli njengoba nocwaningo luhlale luhlonza ukuthi abafundi bashaya udaka emazingeni aphezulu ngenxa yokuthi abakuqondi abakufundayo.

Izinyunyana zothisha zihlale zikhala ngokuthi abafundisa lo mkhakha ababhekelwa ngendlela  njengabanye othisha ekubeni bebaluleke kakhulu ngoba bacathulisa ingane esuke izelwe ize ikwazi ukufika kwaGrade R.