Izindaba

I-SACP izohambela umgubho we-ANC noma kunongqingetshe

Mhlengi Shangase|Published

Ifulegi leSouth African Communist Party (SACP)

Image: Motshwari Mofokeng/ Independent newspapers

PHEZU kokuthibelana phakathi kwe-ANC neSACP ngesinqumo samaKhomanisi sokuzimela okhethweni ngonyaka ozayo, kodwa iSACP ithe izowuhambela umgubho waminyaka yonke kaKhongolose owaziwa ngeJanuwari 8. 

Lo mgubho weminyaka engu-114 kwabunjwa le nhlangano, uzobanjelwa enkundleni yemidlalo iMoruleng, eNorth West, ngoJanuwari 10, 2026.

Ubanjwa minyaka yonke kanti umengameli wale nhlangano usuke enaba ngomhlahlandlela wezinto le nhlangano ezozenza kulowo nyaka.

Njengoba ngonyaka ozayo kuzoba nokhetho lohulumeni basekhaya, akungabazeki ukuthi umengameli we-ANC nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uzogxila kakhulu kwezithinta lolu khetho.

I-SACP yanquma ukuzimela okhethweni ikhala ngezinto eziningi ezinye zazo ukungabuyekezwa kweyamadlelandawonye. Sekuhlule ngisho umhlangano wakamuva phakathi kwe-ANC neSACP, wokuzama ukuxazulula ungqingetshe okhona kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Okhulumela iSACP uMnuz Mbulelo Mandlana, utshele Isolezwe ukuthi bazoba yingxenye yalo mgubho.

"I-SACP iyingxenye yezinhlelo ezenziwa amadlelandawonye ukuzama ukwakha ubumbano. Ngaleyo ndlela azoba yingxenye yomgubho we-ANC owaziwa ngeJanuwari 8," usho kanje.

Uthe bayaqhubeka nokuxoxa ne-ANC ngodaba lokuthi amalungu eSACP, angabe esaba yingxenye yeminye imihlangano ebalulekile kaKhongolose, ikakhulu esuke izobhunga ngamasu athinta ukhetho.

"Udaba lobulungu be-ANC neSACP ngenye yezinto esisaqhubeka nokuyixoxa noKhongolose. Lolu daba selusingethwe yithimba elajutshwa ukubheka indaba yokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwethu ne-ANC," usho kanje.

URamaphosa utshele umhlangano weNational General Council (NGC), muva nje ukuthi amalungu eSACP kumele azihoxele emihlanganweni ye-ANC ethinta ezokhetho kuze kuxazululeke ungqingetshe okhona.

Isuse udweshu eyokuzimela kweSACP  njengoba kusuka ngo-1994, le nhlangano ihlale yeseka i-ANC okhethweni.

I-SACP imile ekutheni ayikwazi ukuguqula lesi sinqumo ngoba sathathwa engqungqutheleni. Ithi ingqungquthela engaguqula lesi sinqumo.

I-Cosatu engenye yamadlelandawonye ne-ANC, ithe izowuhambela umgubho we-ANC ngoba sisamile isinqumo sokweseka uKhongolose okhethweni.

Lo mfelandawonye wakuveza ukuthi awukwazi ukuguquka kulesi sinqumo ngaphandle kokuthi kunqume ingqungquthela.

ISadtu engenye yezinyunyana ezinkulu ngaphansi kweCosatu, isanda kuveza ukuthi kuyodingeka ibize ingqungquthela eyisipesheli ezonquma ngokuthi izoseka bani phakathi kweSACP ne-ANC.

Okwamanje nayo imile ekutheni iseka i-ANC njengoba kwakunqunywe kanjalo phambilini.Isinqumo seSACP sokuzimela okhethweni asidalanga uqhekeko phakathi kwale nhlangano ne-ANC kuphela kodwa nangaphakathi kumaKhomanisi ikakhulu KwaZulu-Natal.

Kuhlakazwe ubuholi bakulesi sifundazwe ngezinkolelo zokuthi abuhambisani nesinqumo sokuzimela kweSACP okhethweni. I-SACP yajuba ubuholi besikhashana eKZN kanti ubuholi obuhlakaziwe busashaya amakhala buthi yibona obusemandleni. Buyalwa nalesi sinqumo sokuhlakazwa bukhala ngokuthi akulandelwanga imigudu efanele.