Mafu Rakometsi
Image: Oupa Mokoena/ Independent Newspapers
KUDONSWE ngendlebe izinkumbi zabafundi ezilinde imiphumela ka-matric ukuthi ziqaphele izikhungo kanjalo neziqu ezingombombayi ngoba zizobaqola imali.
Laba bafundi bamagange balinde ngabomvu imiphumela yabo ezophuma ngonyaka ozayo. Esithangamini esihlanganyele sabezindaba sezinhlaka ezibhekele iziqu ezikhishwa yizikhungo kuleli, okuyiQuality Council for Trades and Occupations (QCTO), Council on Higher Education (CHE), Umalusi kanjalo neSouth African Qualifications Authority (SAQA), zixwayise abazali nabafundi ukuthi baqaphele izikhungo ezingombombayi.
Isikhulu esiphezulu somkhandlu obhekele izingabunjalo lika-matric, Umalusi, uDkt Mafu Rakometsi, uthe asikho isikhungo okumele sikhiphe iziqu noma sisebenze ngaphandle kokugunyazwa.
URakometsi uthe kunezikhungo ezithembisa abafundi izitifiketi zika-matric.
"Isikhungo esibhaliswe eMnyangweni wezeMfundo esigunyazwe Umalusi, esikwazi ukukhipha isitifiketi sika-matric. Ziningi ezinye izikhungo ezingoqhibukhowe ezifundisa abasuke bephinda u-matric ngakho kumele ziqashelwe."
Uthe zisuke zazi ukuthi abafundi baphansi phezulu bafuna isitifiketi sika-matric bese zidlala ngabo, zibaqole.
Uveze nokuthi imiphumela ka-matric iyomenyezelwa nguNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, ngoJanuwari 12, 2025.
Nesikhulu esiphezulu seQCTO uMnuz Vijayen Naidoo, sikhiphe isexwayiso esifanayo ngezikhungo zamakhono eziqola abafundi.
"Lezi zikhungo zithembisa abafundi izitifiketi ekubeni zingagunyaziwe. Abavule amehlo abafundi nabazali ukuze bangalahlekelwa yimali."
Isikhulu esiphezulu se-CHE uDkt Whitfield Green, sithe abafundi abangayi noma yikuphi ngenxa yokuthi abathathwanga emanyuvesi noma emakolishi.
Usho lokhu nje bevile ku-850 000 abafundi ababhale u-matric, kanti babalelwa ku-200 000 abazokwamukelwa amanyuvesi.
"Iziqu zezikhungo zemfundo ephakeme zigunyazwa yi-CHE futhi kumele zibhaliswe yiNational Qualifications Framework. Kunamanyuvesi angu-26 kuleli nezikhungo zemfundo ezingu-145. Izikhungo ezingabhalisiwe zifana nento engekho, uma ufunda kusona usuke ulahla imali."
Ibamba lesikhulu seSAQA uDkt Makhapa Makhafola, uthe bamatasa banemikhankaso yokuxwayisa nokuvula amehlo imiphakathi ehlukene ngezikhungo ezingombombayi.
UMakhafola uthe zixhaphakile lezi zikhungo kanti zigxile emadolobheni amakhulu.
"Zigcwele emadolobheni okubalwa iGoli, eThekwini, Pretoria, Cape Town namanye amadolobha. Abafundi abaqaphele bangabhalisi uma bebona ukuthi isikhungo asikho emthethweni."
NoMnyango wezeMfundo ePhakeme uhlale uxwayisa abafundi ukuthi baqaphele uma beyofunda ezikhungweni zemfundo. Lo mnyango uze uphume umkhankaso wokuvala lezi zikhungo ezingombombayi.
Abafundi banxuswe ukuba baqale bazibheke ukuthi zibhalisiwe izikhungo ngaphambi kokubhalisa kuzona.
Bangaya ku:www.umalusi.org.za noma ku:www.qcto.org.za.
Related Topics: