I-We Buy Cars edayisa izimoto ezingamasekeni
Image: Sithunyelwe
INKAMPANI ethenga futhi idayise izimoto ezingamasekeni, iWe Buy Cars (WBC), ivume ukukhokha izigidi zamarandi zenhlawulo futhi ibuyisele ezinye amakhasimende abenezikhalo ngemigomo nemibandela athenga ngayo izimoto engahambisani neyeConsumer Protection Act (CPA).
NgokweNational Consumer Tribunal (Tribunal), iWBC yenze isivumelwano neNational Consumer Commission (NCC) sokuthi izokhokha inhlawulo ka-R2.5 million, yavuma nokubuyisela amakhasimende angu-31 athintekayo u-R3 419 971,83.
Iphinde yazibophezela ukushintsha imigomo nemibandela yayo ukuze ihambisane neCPA, yathi izodala amathuba omsebenzi angu-300 eminyakeni emihlanu ukuze ithuthukise indlela esiza ngayo amakhasimende yaphinde yazibophezela nokufundisa kabanzi amakhasimende ngokuthenga izimoto ezingamasekeni.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi kule minyaka emithathu iNCC ibilokhu ithola izikhalo kumakhasimende athenga kwaWBC.
Kuvele ukuthi amakhasimende abekhala ngokuthi awakutholi ukusizakala ngemuva kokuthenga okuhambisana nezivumelwano eziwanqinda amandla.
Isikhalo besivela kakhulu kwi-warranty nemigomo yokuthenga engahambisani nevikela abathengi yeConsumer Protection Act.
“I-NCC iphenye ngezikhalo ezifakwe amakhasimende yathola ukuthi imigomo nemibandela yezivumelwano zokudayiselana yephula iCPA,” kusho iNCC.
Related Topics: