UNGQONGQOSHE woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa, oveze ukuthi bavumelene bengamaqembu akuhulumeni wokubambisana, ukuthi kumele kujutshwe abantu abancwadile ebukhanseleni
Image: SALGA/FACEBOOK
LIZOGAYA ngomunye umhlathi kwabagaqele ukuba amakhansela ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo, njengoba bezoshaywa ngesithende abangancwadile.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, oveze ukuthi bavumelene bengamaqembu akuhulumeni wokubambisana i-GNU, ukuthi kumele kujutshwe abantu abancwadile, abazokwazi ukuhlaziya izinto ezifana nemibiko ethulwa komasipala.
"Sifuna kuphele ngendaba yokuthi kujutshwe abantu abangazi lutho komasipala. Sivumelene namanye amaqembu akwi-GNU, ukuthi kufakwe abantu abancwadile, abazokwazi ukuhlaziya imibiko yoMcwaningimabhuku jikelele neminye.
UHlabisa obekhuluma ngesikhathi ibhodi eliklama imingcele lidlulisa uhlu lwamawadi abuyekeziwe kuleli sonto kwikhomishini yezokhetho i-IEC, uthe lokhu kuzofukula indlela imikhandlu esebenza ngayo.
I-ANC iyona nhlangano eyaphumela obala yathi kuzojutshwa abantu abano-matric kuya phezulu abazoba amakhansela. Kwabazoba yizimeya nosomlomo kudingeka iziqu kanjalo nesipiliyoni esibandakanya ukuthi abantu asebeke baba sesiShayamthetho nasePhalamende.
UHlabisa unxuse abaholi bomdabu, amakhansela, abamaqembu ezombusazwe ukuthi beseke imingcele emisha.
Uthe akumele kusuke izibhelu ngenxa yale mingcele emisha wathi ukhetho kumele kube olukhululekile.
Uveze ukuthi sinyukile isibalo samawadi kuleli emuva kokuklanywa kabusha esuka ku-4 468 aya ku-4 488.
"Amawadi asiza ekutheni abantu bazi ukuthi ubani ikhansela labo nokuthi bavota kuphi. Kulolu khetho abantu bavota lapho behlala khona, siyabagqugquzela ukuthi babhalise ukuze bavote."
Uveze ukuthi lolu khetho luzoba nzima kakhulu njengoba kuzobe kuwukheth' ukhethu.
Isikhulu se-IEC uMnuz Sy Mamabolo, sithe balindele ukuthi sizonyuka isibalo sabazongenela ukhetho ngonyaka ozayo.
Uthe balindele abantu abevile ku-120 000 abazongenela ukhetho oluzayo.
"Okhethweni lwango-2021, bangu-100 000 abangenela ukhetho bebanga izihlalo ezingu-10 000 emikhandlwini ehlukene. Nakulolu khetho silindele ukuthi sinyuke isibalo sabazongenela ukhetho njengoba sanda nesibalo samaqembu ezepolitiki," usho kanje.
Uthe bahlela ukuthi kube nezimpelasonto ezimbili zokubhalisela ukuvota ngaphambi kokhetho.
"Sizohambela nemiphakathi esingaphansi kwamanye amawadi ukuze siyibhalise emawadini amasha. Asifuni kube nabazosala ngaphandle ngenxa yokushintsha kwemingcele. Abantu ababheke ukuthi amawadi abo awashintshile, bese bebhalisela ukuvota," kusho uMamabolo.
Kuvele ukuthi komasipala abane KwaZulu-Natal, kunamacala asenkantolo abaphikisana nokuklanywa kwemingcele. Labo masipala yiseThekwini, Mkhambathini, Alfred Duma naseNkosi Langalibalele.
Related Topics: