Hlelela unyaka omusha
Image: Lance Fredericks / DFA
NJENGOBA unyaka usuya emaphethwelweni, abantu abaningi basebenzisa lesi sikhathi ukucabanga ukuthi yini abafuna ukuyenza, ukuyishintsha nokuyifeza onyakeni omusha ozayo.
Nokho ngaphambi kwalokho kusemqoka ukuqale ume kancane, uzibuze ukuthi lokho ofuna ukukwenza nokukufeza kuyahambisana yini nohlobo lwempilo ofuna ukuyiphila uma kuqala unyaka omusha.
Lokho kushiwo wumqondisi wophiko lakwandaba zabantu lwenkampani yezokuxhumana iPenguin, uNksz Annemie Burger, ecebisa abantu ngezinto okumele baziqaphele njengoba kwazeka ukuthi baningi abakholelwa ekuhleleni abazokwenza ngonyaka olandelayo.
“Siphila esikhathini lapho abantu bekholelwa ekutheni kumele basebenze kanzima ukusiza ukuthi bafeze abakufunayo nabakufisayo ngempilo yabo, kodwa lokho akwenzeki kuphela ngalokho kepha kudinga ukuthi uzibuze imibuzo efanele, nezokuba wumhlahlandlela wozokwenza,” kucebisa uNksz Burger.
Unikezele ngale mibuzo abona ingaba wumhlandlandlela osizayo:
1. Yini engiyifunde kulo nyaka ophelayo?
Ngaphambi kokubheka phambili kokufunayo, qala ngokubheka emuva ucabange okuningi odlule kukho, wokufundile ngakho, nokuthi yikuphi ongafisa ukukwenza ngendlela ehlukile kubhekwe phambili. Lokho kusiza ukuthi uthi uhlabela phambili usuqonda ngokuphelele okumele ukugweme.
2. Umfutho wakho uwusebenzise kuphi futhi kanjani, kwakusiza ngani?
Ekupheleni konyaka abantu bavame ukuzizwa bekhathele kepha bengenaso isiqiniseko sokuthi umuntu ukhathazwe yini, ngakho ukuzibuza ukuthi umfutho nesikhathi sakho esiningi ukusebenzise kanjani kungasiza ukuqonda ukuthi yini ekugqilazile, ukwazi nokwenza kangcono ngokuzayo, ugweme okudinga ukugwenywa.
3. Iyini impumelelo kuwena?
Kulula ukuziqhathanisa nabanye abantu noma ukugijimisa amaphupho abukeka emahle emehlweni akho, kodwa akuyona into okumele ugxile kuyona leyo ngoba ingakufakela ingcindezi enkulu nengenasidingo. Ngakho kungakusiza ukuthi wenze impumelelo ibe yinto eqondene nawe ngqo, wehlise umoya futhi ungazibekeli imigomo eniningi nezokufakela ingcindezi ongayidingi.
4. Yini ofuna ukukhula nayo?
Abantu ohlala nabo isikhathi eside baba nomthelela ekutheni ucabanga kanjani, wenza kanjani ezimweni ezithile nokunye okweyamene nalokho. Cabanga ngakho konke okukuphakamisile noma kwakufundisa izinto ezithile kulo nyaka, bese uzibuza ukuthi yikuphi okuhle okufundile kukho. Yini ekwenze ukuthi wazibona uwumuntu obalulekile nohloniphekile, bese uqikekela ukugudluza konke obona kungaba yisithiyo sempumelelo yakho onyakeni omusha.
5. Yini ozoyenza ngokwehlukile ngokuzayo?
Ukukhula kwangempela empilweni kwenzeka uma ushintsha ukwenza ezintweni ezithile zempilo yakho, ngakho kusemqoka ukuthi esikhundleni sokuphonsa ithawula kulokho obona kungafezeki, zibuze ukuthi yikuphi mhlawumbe okumele ukuguqule noma ukwenze ngendlela ehlukile ukuze uthole umehluko ofanele.