Kuyaphenywa ngokubulawa kwabathathu eNyanga, eKapa
Image: Sigciniwe
Kudutshulwe kwabulawa abantu abathathu kwathi owesine walimala, eNyanga, eKapa, ngobusuku bukaKhisimusi.
Lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo-10 ebusuku kuMplangeni Street, ngasehostela lase-Ofcon. Amaphoyisa asola ukuthi lokhu kuhlobene nokuziphindiselela noma ukuzama ukuqeda ubufakazi.
Akekho osaboshiwe, amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.