UMNUZ Mvelo Shangase ebambe kuplastiki isihlalo sakhe esinamasondo asinikelelwe
Image: SITHUNYELWE
UFIKELE ebantwini abawudinga ngempela uKhisimusi wezihlalo ezihamba ngamasondo kanjalo namabhakede egilosa, okunikelwe yinhlangano engenzi nzuzo KwaMashu, izolo.
Inhlangano engenzi nzuzo, iRenew Home Foundation, eyasungulwa yiphoyisa lasesiteshini saseNtuzuma, uSergeant Slindile Njilo nowakwakhe, uKhumbuzile Njilo, inikele ngezihlalo eziyisithupha kwabaphila nokukhubazeka nangamabhakede angu-20 emindenini ehlwempu.
USgt Njilo uthe benze lo mnikelo ngoba bahlale bekujabulela ukwelula isandla wabasuke bedinga.
“Usizo engilwedlulisele emphakathini ngiluthole emva kokuhambe ngingqongqoza eminyangweni ehlukene, ngilucela, kwaba khona othintekayo, welula isandla,” kusho uSgt Njilo.
Uthe umnikelo wezihlalo ezihamba ngamasondo uwuqale ngoLwesine, ngesikhathi enikelela uMnuz Mvelo Shangase (24) wakwa-F, kwathi ayisihlanu wawadlulisela ekhanseleni lakwa-C ukuze linike abasohlwini lwabawudingayo ewadini.
“Ayikho into emnandi njengokuba wusizo emphakathini. Siye sifikelwe inqwaba yabantu bezofuna usizo enhlanganweni yethu. Siyaselula isandla lapho esikwazi ukufinyelela khona. Kulokhu nje siyajabula ukuthi esibanikelele bazoba noKhisimuzi omuhle,” kusho uSgt Njilo.
ABEZINHLANGANO engenzi nzuzo, iRenew Home Foundation, uSergeant Slindile Njilo nowakwakhe, uKhumbuzile Njilo, benze umnikelo kaKhisimusi
Image: SITHUNYELWE
U-SERGEANT Slindile Njilo ngesikhathi ebelethe usana olwalulahliwe
Image: KZN SAPS
Uthe ukhule ethanda ukwelula isandla njengoba unina owamkhulisa ngayedwana wayeshumayela lelo vangeli. Ngasohlangothini lomyeni wakhe, into yokupha naye uyifunde ekhaya njengoba ezalwa usomabhizinisi owake waba yiMeya yaseMsunduzi, uMnuz Themba Njilo, naye ohlale enikela emiphakathini.
Amabhakede agcwaliswe izidlo zikaKhisimusi, wona uthe basendleleni yokuwahambisa eSiyanda naseRichmond Farm, izolo ntambama. Nakhona uthe bazokhetha imindeni ehlwempu ukuze ingasali isiba noKhisimusi omnyama ngempela.
Inhlangano bayisungula emva kwesigameko lapho uSgt Njilo waba undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana ngoMeyi nyakenye, ebonakala ebelethe usana egqoke umfaniswano wamaphoyisa.
Lokhu kwenzeka emva kokuthi owesilisa waseNtuzuma, waluletha esiteshini luhlubule. Kuthiwa emzini walona wesilisa kwafika owesifazane owayeluphethe, wacela ukungeniswa endlini encane, ethi uxinekile. Kuthiwa wabe eselubeka phansi, wangena endlini encane samuntu oyoyisebenzisa, kanti uzophuma ngewindi, ziye, elushiya nalona wesilisa owabe eseluhambisa emaphoyiseni emva kokubona ukuthi unina, ubezolulaxaza. USgt Njilo kuthiwa waluthatha walugeza, wayoluthengela izimpahla. Ozakwabo bamthwebula izithombe, okwathi uma zingena ezinkundleni zokuxhumana, abantu bababaza ubuntu kuye.
Unina kaShangase onikelelwe ngesihlalo, uNksz Thenjiwe Shangase, uthe besinzima isimo kwindodana yakhe eyazalwa inokukhubazeka.
“Le abekade enayo (wheelchair), yayihamba ngamalahle, aphela. Ngathi ngizama ukuyowathenga, ngathola ukuthi awu-R4 800, ngangaba nawo amandla okuwathenga ngoba angisebenzi, siphila ngempesheni yakhe yokukhubazeka,” kusho uNksz Shangase.
Uthe kwenzeka lokhu nje, ubesalinde abefake isicelo sayo emtholampilo ePoly.
“Ibisiphuke nokuphuka, athi uma ehleli kuyo, imlimaze ethangeni. Ngijabule kakhulu ngosizo esilutholile,” usho kanje, wathi wabona abenhlangano befakile ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bafuna ukusiza abadinga izihlalo.