Isililo sikamama ngezingane zakhe ezivaleleke e-Ukraine
Image: Armand Hough / Independent Newspapers
OWOMNDENI womholi weqembu uMkhonto Wesizwe (MKP) uMnuz Jacob Zuma, ohlala eNkandla uthi udangele ngesenzo asola ngaso uNkk Duduzile Zuma-Sambudla sokuthi waba neqhaza ekutheni amadodana akhe amabili nomzukulu wakhe bathunyelwe eRussia, kanti bangena shi empini yaleli zwe nabase-Ukraine.
Owesifazane, ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa, wayeshade nomfowabo kaZuma ongasekho emhlabeni. Uthe izingane zakhe ziyingxenye yabangu-17 abathunyelwa eRussia kuthiwa bayoqeqeshelwa ezempi.
Ukhale ngokuthi usehlalele ovalweni ngenxa yokwesaba ukuthi kungenzeka ukuthi izingane zakhe zibulawe kunokuthi ziqeqeshelwe ukuba onogada njengokomyalelo we-MKP, njengoba ekholwa wukuthi kwashintsha uhlelo phambili zafakwa ebuthweni elilwela iRussia, etholene phezulu ne-Ukraine.
Uthe uNkk Zuma-Sambudla waba nesandla ekuhambeni kwezingane zakhe nalaba abanye abawu-14 beyoqeqeshwa eRussia. Kuthiwa babetshelwe ukuthi kwakuzothatha izinyanga eziyisithupha, bese bebuya bezoba sophikweni lwezokuphepha lwe-MKP.
Kwenzeka lokhu nje, ngoLwesihlanu kuvele ukuthi uNkk Zuma-Sambudla uhambise incwadi efungelwe ecacisa iqhaza alibambile nakwaziyo ngalolu daba.
Esithangamini nabezindaba ebesibizwe wubuholi beMK Party eThekwini, ngalo uLwesihlanu - kumenyezelwe izindaba zokuthi uNkk Zuma-Sambudla useqoke ukuthi asule ekwenzeni imisebenzi yaleli qembu, kubalwa nowokuba yilungu lalo ePhalamende, ukuze agxile ngokuphelele ekusizeni abesilisa ukuthi babuyele emindenini yabo bephephile.
Isihlobo sikaZuma sithe konke lokho akusho lutho kusona.
"Ukuphela kwento engifuna ukuyizwa wukuthi izingane zami zibuyela nini ekhaya, hhayi ukuthi uNkk Zuma-Sambudla wenzani ngalokho, ngoba into emqoka kimina wukubuyela kwabantwana bami ekhaya," kusho sona.
Sithe kwabesilisa abawu-17 abathunyelwa eRussia, kukhona amadodana aso amabili nomzukulu oyedwa. Sithe: "Kukhona nabanye futhi abahlanu abazalwa wumlamu wami uMaMzobe."
Uthe ngenkathi izingane zakhe zihamba nalaba abanye bathenjiswa ukuthi babezoqeqeshelwa ukuba onogada eRussia.
"Ngenkathi behamba ngangisele no-R2000 kuphela ebhange, engawuthumela kubona ngingafuni ukuthi bahambe belambatha bengaphethe lutho," kukhononda isihlobo.
Uthe wayevele engafuni ukuthi abantwana bakhe baye eRussia ngoba wayesola khona ukuthi kungase kubafake engozini yempi nabase-Ukraine.
"Sabona ukuthi kwakuzoba yithuba elihle leli lokuthi bathole umsebenzi njengoba kwase kuyisikhathi eside bengasebenzi. Sabona kungaba yithuba elihle lokuthi baziphilise, esasithemba ukuthi bekuzoshaya uDisemba sebebuyile, babuye baphindele futhi kuze kushaye uJulayi obekumele kuphele ngawo isikhathi sokuqeqeshwa kwabo," kulanda yena.
Ukhale nangokuthi ngokwazi kwakhe babewu-19 sebebonke abesilisa ababebuthwe ukuyoqeqeshwa eRussia, okwenza adideke ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi manje kuvele ukuthi bawu-17 okumshiya nombuzo wokuthi kwenzekeni ngalaba abanye ababili?