Izindaba

OwezeMpilo uphika eyokuvalelwa kwesiguli esibhedlela

Simangaliso Ntshangase|Published

UMNUZ Sibonelo Ngema noninalume uMnuz Thinta Ngema, asola isibhedlela iCathrene Booth Hospital ngokumvimbela emva kokunqunywa unyawo

Image: SITHUNYELWE

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal uchitha izinsolo zokuthi uvimba esinye seziguli ezisesibhedlela iCathrene Booth, esaziwa ngokuthi yiSalvesh, eMatigulu, enyakatho yesifundazwe - ukuthi sidedelwe emva kokuphothula uhlelo lokusinquma unyawo.

Lokhu kusukela ekutheni uMnuz Sibonelo Ngema naye wakhona eMatigulu, ethinte Isolezwe ebika  ukukhathazekangoninalume uMnuz Thinta Ngema (83) ongase adlele uKhisimusi esibhedlela njengoba sekuphele inyanga egcinwe khona.

UNgema uthe uninalume wangena kulesi sibhedlela ekuqaleni kwenyanga edlule ehlushwa wunyawo obeluvuvukele, lungalapheki okwathi esesibhedlela kwatholakala ukuthi unesifo sikashukela, okuphoqe ukuthi anqunywe unyawo ukuze impilo yakhe iqhubeke.

“Kuthe sengiyomlanda ngesonto elidlue, ngaba nenkinga yokuthi akakwazi ukuphuma ngoba esibhedlela bethi abanazo izinduku zokuthi aqhugele, baze bathi kuzophoqa ukuthi sizithengele thina noma siziboleke kwabanazo ukuthi azisebenzise,” kusho uNgema.

Eqhuba, uthe kuyamkhathaza ukuthi umalume wakhe akakwazi ukuphuma esibhedlela andukuba kutholakale lezi zinduku, abona kumele kube wumsebenzi wesibhedlela ukuqikelela ukuthi isiguli sithola cishe konke okuzodingeka ukuze siqhubeke nempilo yaso.

“Ngikhathazekile nangokuthi umalume usemdala kakhulu manje, ngakho njengoba elokhu ehlezi esibhedlela engakwazi ukuya ekhaya, ngibona ukuthi lokho kuyamhlukumeza futhi kungenza nokuthi angalulami ngokushesha kulesi simo,” usho kanje.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eKZN, uMnuz Ntokozo Maphisa uthe akuwona umgomo wabo bewumnyango ukukhuluma ngezimo noma izifo ezisuke ziphethe iziguli, kodwa futhi kusemqoka ukucacisa izimo ezithile uma kukhona okuphambanayo.

“Akulona iqiniso ukuthi isibhedlela asinazo izinduku zokuhamba kanjalo nezinsiza ezifana nezihlalo ezinamasondo. Ongoti esibhedlela sethu basaxoxisana nomndeni mayelana noqeqesho lokusetshenziswa kwesihlalo esinamasondo ngaphambi kokuthi isiguli sidedelwe siye ekhaya,” kusho uMaphisa.