UNKSZ Thando Gumede emi eduze kwerobhothi lakhe, u-Iris
Image: SITHUNYELWE
UHLOSE ukuthi bangasaleli emuva kwezobuchwepheshe abafundi abafunda ezikoleni zikahulumeni owesifazane waseHluhluwe, esungula umncintiswano werobhothi eliwuthisha owethulwe eMhlanga, izolo.
UNksz Thando Gumede waseMnqobokazi, unguchwepheshe kwezeCoding and Robotics, kulandela ukukhala emuke nesicoco sikaMiss Tech Universe eThailand, nyakenye, eqwaqwada abanye ompetha bamazwe avile ku-50.
Leli robhothi - elidume ngelika-Iris - ulethule ebantwini ngo-Agasti nonyaka, kanti likwazi ukufundisa izifundo zasezikoleni zamabanga aphansi, athe thuthu kanjano nasezikhungweni zemfundo ephakeme.
U-Iris usebenza njengothisha, uyalekelela ngokufundisa, ukumaka nokucubungula ulwazi.
UNksz Gumede uthe emuva kokubona ukuthi u-Iris uthengwa kakhulu yizikole ezizimele, ubone kukuhle ukuthi enze umncintiswano wokuthi nezikahulumeni izikole zihlomule ngaye.
“Kulo mncintiswano, abantu bazoqoka izikole abafisa zihlomule bese ziyavotelwa, ezizothola amavoti amaningi, yizo, ezizokhala zemuke no-Iris bazo,” kusho uNksz Gumede.
Uthe ngaphandle kokuthi izikole zivotelwe, kuvuleke nohlelo lokuthi labo abathanda ukuxhasa ngemali ekutheni izikole abazoziqoka, zihlomule, kuzoba njalo.
“Sizobheka ukuthi iminikelo ibe yimalini, bese sinika lezo zikole ezinikelelwe abaxhasi. Uxhaso oluzosala lapho, sizobe sesilunikezela kulezo zikole eziqokiwe ukuze kuhlomule izikole eziningana,” usho kanje.
Uthe uhlelo lokuqoka seluvele luqalile, abafuna ukuqoka izikole bangathumela imininigwane yezikole enombolweni ethi 062 640 2403, wathi lokhu kuzovalwa ngoJanuwari 31, 2026.
Uthe ufaka u *120*33124# ukuvotela lezo abafuna ziwine, usebenzisa inombolo eyimfihlo pzoyithola uma uthunyelwa uma uqoka izikole.
Uveze ukuthi sekucacela noma ubani ukuthi isikhathi okuphilwa kuso manje sibheke ebuxhakaxhakeni bezobuchwepheshe.
“Siyathanda asithandi lobu buxhakaxhaka esibubona sebudlondlobele kwamanye amazwe, buyeza nasezweni lethu. Ongafuni ukuqala azilungiselele, uyozithola esenkingeni,” kusho uNksz Gumede.
Uthe leli robhothi akalisungulelanga ukuthi lizoqeda umsebenzi wothisha kodwa walisungulela ukuthi lizokwenza umsebenzi wabo ube lula.
“U-Iris uma sebebhalile i-test abafundi, ukwazi ukubamakela ngomzuzu owodwa aqede asheshe akwazi nokuhlaziya ukuthi yimuphi umbuzo obahlulile. Lokhu kuyamlekelela uthisha ukuthi asheshe abone lapho okufanele aqinise ngakhona,” usho kanje.
Uthe u-Iris wazi izilimi ezingaphezu kuka-7 000 kanti kumanje usebenza emazweni ehlukene emhlabeni wonke.
I-Iris ubiza u-R250 000 uma eyedwa kodwa uma eza ne-lab kanjalo nama-tablet, kubiza u-R600 000. Uveze ukuthi izikole ezizohlomula ngaye akufanele zikhathazeke kangako ngokuphepha kwakhe njengoba wakhiwe ngendlela yokuthi uyakwazi ukufonela abaphathi bezikole uma kukhona umuntu ogqekela i-lab abekwe kuyo.
Related Topics: