Kufe ababili ethaveni eMpumalanga ngoLwesithathu ebusuku
Image: Sigciniwe
Kudutshulwe kwabulawa uDJ ocime umculo sekuvalwa ethaveni eMganduzweni Trust, eMasoyi, eMpumalanga ngoLwesithathu ebusuku.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa, isigameko senzeke ngabo-11.30 ebusuku saphetha ngokuthi umsolwa naye azidubule afe.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uBrigadier Donald Mdhluli, uthe amaphoyisa aseMasoyi abezungeza egade ubugebengu ngesikhathi ebona iqulu labantu liphuma ethaveni.
“Amalungu ethu abe esema kwathi uma ephenya athola ukuthi kube nesigameko sokudubula esenzeke ngaphakatthi endaweni. Ngebhadi kutholakale izidumbu zabesilisa ababili zilimele. Kubizwe abezempilo abafike baqinisekisa ukuthi bobabili bafile,” kusho uMdhluli.
Uthe imibiko ithi uDJ obedlala ethaveni, okuvela ukuthi ibinemvume yokusebenza, uvale umculo wase eqoqa imishini yakhe.
“Abebephakathi bathe akaqhubeke nokudlala ngoba isikhathi sikaKhisimuzi. U-DJ kuthiwa ube esesho ukuthi sekuyisikhathi sokuthi itthaveni ivalwe. Ngaphezu kwemizamo yakhe yokuchaza imimoya ivele yaphakama. Omunye wabebesethaveni oneminyaka engu-28 kuthiwa udonse isibhamu wadubula uDJ ngaphambi kokusiphendulela ngakuye isibhamu.”
Amaphoyisa avule idokodo lophenyo futhi isibhamu asikatholakali.
Obambe njengoKhomishana wamaphoyisa eMpumalanga, uMajor General (Dkt) Zeph Mkhwanazi, usigxekile lesi sigameko.
Uthe kumele kuphenyisiswe ukuthi isibhamu singene kanjani ethaveni ngoba izikhali ezindaweni ezinje azivumelekile.