YIZE ukwesula kukaNkk Duduzile Zuma-Sambudla eqenjini uMkhonto Wesizwe Party (MKP) kubonakale njengengcindezi edalwe yizinkinga abhekene nazo mayelana nabakuleli abashushumbiselwa eRussia, ubuholi baleli qembu buthe akaphoqwanga ukuthi asule eqenjini nasekuilimeleni ePhalamende
Lokho kuhlaluke esithangamini nabezindaba eThekwini, lapho kumenyezelwe khona izindaba zokuthi uNkk Zuma-Sambudla uthumele incwadi yokwesula eqenjini.
Ekhuluma kulesi sithangami uMnuz Magasela Mzobe, oyinhloko ehhovisi likamengameli waleli qembu, uthe uNkk Zuma-Sambudla akaphoqwanga ukwesula emsebenzini wakhe, kepha lesi yisinqumo asithathe yena ngokwakhe ukuze agxile ekutheni asize abantu bakuleli ababalelwa ku-17 okusolwa ukuthi bathunyelwa eRussia, kepha bagcina sebeba sekhaleni lempi yeRussia ne-Ukraine.
"Ufake isicelo sakhe sokwesula khona ngoba ubengeke akwazi ukuvele agxile kwezinye izinto engakakhulumi nobuholi beqembu, nokuthi athole imvume yalokho," kusho uMzobe.
Eqhuba, uMzobe uthe ukwesula esikhundleni kukaNkk Zuma-Sambudla akuqondene nalutho olungasho ukuthi uphule umthetho, noma yikuphi okunye okweyamene nalokho.
"Uyilungu leqembu eliziphethe kahle nomholi obonile ukuthi kunenkinga enkulu ngempilo yalaba bantu abasha okudingeka ukuthi babuye bephephile ezweni, wase ecela ukuthi akhululwe emisebenzini yeqembu ukuze enze konke okusemandleni akhe ukuthola iqiniso ngalabo bantu bethu, nokusiza ukuthi babuye bephephile," kucacisa uMzobe.
Lokhu kwenzeka kulandela izinsolo ezibhekiswe kuNkk Zuma-Sambudla owagxekwa kakhulu ngokuthi ube neqhaza ekuthumeni laba bantu bakuleli zwe baye eRussisa, okuthe sebefike khona - bafakwa ebuthweni lempi yabaseRussia ne-Ukraine.
USihlalo we-MKP, uMnuz Nkosinathi Nhleko, uthe bathole umbiko ogcwele kuNkk Zuma-Sambudla mayelana nodaba lwabantu okuvela ukuthi bathunyelwa eRussia bagcina bengena ogibeni lwempi.
"Uzibophezele ukuthi abambisane nezinhlaka zomthetho ukuthi kuqhubeke ngendlela efanele ukuphenya ngalolu daba, yingakho ekhululiwe ukuthi adede emisebenzini yeqembu ukuze agxile ngokugcwele nangokuphelele kulokho. Nokho siyakugcizelela ukuthi akahlangene nalezo zinsolo zokushushumbiswa kwabantu basezweni lethu," usho kanje.
UNhleko udalule nokuthi manje sebezoqhubeka nezinhlelo zokuxhumana nemindeni yabathintekayo kulolu daba, futhi babalekelele ngabangabalekelela ngakho ukusiza ukuthi kubuye abathandiweyo bayo bephephile. Ucele nomphakathi ukuthi usingathe lolu daba ngendlela ekhombisa ukuzwelana nabathintekayo kulona.
Kulesi sithangami nabezindaba, uMzobe ukubeke ngokusobala ukuthi uNkk Zuma-Sambudla akazukuthatha noma aphendule noma yiluphi uhlobo lwemibuzo ebhekiswe kuyena, wathi uma sekukhona okumele akuphawule kuyobizwa esinye isithangami.