NHLALWENHLE MAGWAZA
Image: SITHUNYELWE
SIWUNUKA eduze umkhuba isihlobo zentombazanyana osekuphele inyanga inyamalele ePhezukomkhono, eMbumbulu.
UNhlalwenhle Magwaza (7) kuthiwa wanyamalala phakathi kwemizi yomakhelwane, ebuya esitolo sendawo ngoNovemba 23.
Ngokusho kwesihlobo, esicele ukungadalulwa, umgilwa waphuma ekhaya eya esitolo. Kuthiwa wahambisana nomalumekazi bakhe ababili, ababeya ezihlotsheni kwesinye isigodi.
Kuvela ukuthi bamkhapha, wathenga amaswidi nama-chips, base bemphelezela, bambeka sekukufushane ekhaya.
“Cishe wayesezodlula imizi emine, engagqagqene, afike ekhaya kodwa akazange afike,” kusho isihlobo.
Sithe lokhu kwabadida ngoba nonina kamgilwa, okuthiwa wazizwa eshiywa yigazi, waphuma ethi uyamhlangabeza kodwa naye wahamba waze wayofika esitolo, wangamthola.
“Noma zingeke zisakhumbuleka izikhathi ukuthi zashiyana ngemizuzu emingaki kodwa waphuma ethi uyamhlangabeza kodwa wangahlangana naye, waze wayofika esitolo,” kubeka isihlobo.
Sithe esitolo bamtshela ukuthi umgilwa nomalumekazi bakhe banesikhashana behambile.
Siveza ukuthi umndeni wabe usubuza komakhelwane ukuthi abambonanga yini umntwana, abanye balandula, abanye babashaya indiva.
Sithe emva kokuthi bewabikele amaphoyisa, afika azobacingisa kodwa umntwana wangatholakala, saveza ukuthi ukhona umuzi abasola ukuthi kungenzeka ukuthi uyathinteka ekunyamalaleni kukamgilwa.
“Ababhekani nonina kamgilwa, kulandela ukuvulela owesilisa wakhona icala kulandela isigameko sokuzama ukumdlwengula eminyakeni embalwa edlule,” kusho isihlobo.
Siveze ukuthi kuleso sigameko, lona wesilisa wadonsela unina kamgilwa endlini, wazama ukumdlwengula. Sithe unina kamgilwa wathi uma ezama ukuphunyula, lona wesilisa wamklinya.
“Kwavuleka isicabha, kwangena unina kalona wesilisa, naye wamhlasela, elekelela indodana yakhe. Kwasiza umzukulu wakhona, owathi uma ebona ukuthi unina kamgilwa uyahlanganyelwa, wahamba wayobiza omakhelwane, nakuba wakwazi ukuphunyuka,” kusho isihlobo.
Sidalule ukuthi unina kamgilwa walivula icala emaphoyiseni kodwa wabuye walisula ngenxa yokusatshiswa. Siveza ukuthi kusukela lapho, le mindeni yaba yinkukhu nempaka.
Siqhube ngokuthi bekukhona inkulumo endaweni ethi lona wesilisa uhambe ethi ngabe kungcono ukuthi wambulala, wamba umgodi, amgqibe, afake usimende ngaphezulu.
Siphinde saveza nokuthi emva kwalokho, unina kamgilwa uke waphithanelwa yikhanda waze wayokwelashwa esontweni laseChibini, lapho ahlale khona unyaka wonke.
“Umgilwa ulahleka nje, kusaphele izinyanga ezimbili kuphela unina ebuyile ekhaya,” kusho isihlobo.
Sithi okubadidayo ukuthi lona wesilisa, osephenduke isidakwa, uvele acule amaculo okujabula uma kwenzekile wahlangana nonina kamgilwa endleleni.
“Sifuna ayiphenye yonke le nto amaphoyisa ngoba thina iyasisolisa,” kusho isihlobo, esiveze ukuthi konke lokhu kwabikelwa amaphoyisa ukulekelela ophenyweni.
Okhulumela inhlangano elwela ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane iWomen of uMthwalume, esisabalale nakwezinye izindawo, uNksz Nombuso Sibisi, uthe kabajabulile neze ngamaphoyisa aseMbumbulu.
“Ngifisa nomphakathi wakuleya ndawo ubambisane nonina kamgilwa ngoba okwenzeke kuye kungenzeka nakomunye kusasa. Bese ngicela othathe ingane ayiveze, noma ngabe useyibulele,” kusho uNksz Sibisi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe uphiko lwamaphoyisa iFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences eMlaza, luphenya icala lokuthumba nelokufuna imali kulandela isigameko sokuthunjwa kwentombazane (7) ngumuntu ongaziwa.
“Emva kokulahleka kwentombazanyana endaweni, udaba lwabikwa emaphoyiseni aseMbumbulu, ukuze aphenye. Emva kwalokho, unina kamgilwa wathola ucingo emuntwini angamazi emfuna imali,” kusho uConst Ngcobo.
Related Topics: