Izindaba

Basale bebamba amakhanda isihlobo 'sibulala' itshitshi limuliswa

Zimbili Vilakazi|Published

USamantha Sammy Dlamini

Image: Sithunyelwe

USATHUTHUMELA umndeni wetshitshi laseMbabane, eMsinga, okuthiwa libulawe yisihlobo ngeSonto, lilungiselela ukungena emgonqweni womemulo.

Kulesi sigameko kudutshulwe ngesihluku uSamantha "Sammy" Dlamini (24) ngaphandle kwesango lakubo.

Ngokusho kukadadewabo, uNkk Lebo Ngubane, uSammy ubulawe ngabo-7.30 ebusuku, ngesikhathi yena nezimpelesi zakhe bephumele ngaphandle kwesango. Uthe bebenza isiko lokugcotshwa kwebomvu, ukuze bangene ngaphakathi ekhaya eseyohlala emgonqweni.

“Umemulo wakhe ubuzoba ngeSonto (Disemba 28). Besekuthengwe yonke into, ngisho imvunulo abezoyigqoka, inkomo ebizohlatshwa ngomemulo wakhe, konke bese kukhokhelwe,” kusho uNkk Ngubane.

Uthe isigameko senzeka nje, ngisho nezimbuzi ezihlatshwa uma itshitshi lizongena emgonqweni, bese zize zaphekwa, sekusele ukuthi zidliwe.

Elandisa ngokwenzekile, uthe umsolwa ongeke adalulwe kuze kuba uvela enkantolo, uqhamuke ngeveni, ehamba nomngani wakhe obephethe isibhamu.

Uthe emva kokumisa imoto khona lapho ngasesangweni, umsolwa ubonakale ethatha isibhamu somngani wakhe, elokhu esishwiba emoyeni.

“Abantu bamkhuzile, bembuza ukuthi uhlolani, eviliyela ngesibhamu kube kujatshulwe. Uvele wasuka, wachusha phakathi kwesixuku sezintombi ezibalelwa ku-30, waze wayofika kuSammy phambili, wambula ingubo abemboze ngayo, wamdubula,” kulandisa uNkk Ngubane.

Uthe isibhamu siqhume kabili kodwa iyodwa inhlamvu engene esiphongweni kuSammy, wawa phansi. Uthe nakuba zikhona izihlobo ezizame izaba zokuthi aphuthunyiswe esibhedlela kodwa bekubonakala ukuthi akulula asinde.

Uthe umsolwa wenze isigameko maqede waphela emehlweni, kwaze kwaba uyazinikela emaphoyiseni ngoMsombuluko. 

Echaza ngobudlelwano babo naye, uthe bebubuhle kakhulu.

“Bebezwana noSammy, kungekho lapho abake baxabana khona. USammy njengoba ebesenza i-internship yakhe eTugela Ferry, ubethi uma embona endleleni, njengoba ebeneveni (umsolwa), ubengamdluli, ubethatha ayombeka khona,” usho kanje.

Uthe badidekile ukuthi ubengenwe yini eze embulala. Uveze ukuthi izihlobo ezihambe zayombona esitokisini ngoMsombuluko, zimfice eqhaqhazela, zathi uma zimbuza ukuthi umbulaleleni umufi, wathi yena ubethi uyamdlalisa.

Uveze ukuthi uwumuntu obuphuzayo utshwala, wathi akazi noma ubephuzile yini ngesikhathi enza isiga. 

Uchaze uSammy njengengane ebizimisele empilweni njengoba ebesephothula izifundo zakhe zeFinancila Manangement eMajuba College.

“Ubehlonipha, ethanda ukuhleka, ungeke umbone ediniwe. Sibuhlungu ngokuthi ahambe kanje, sekusele izinsuku ezimbalwa umndeni ummulise, okuwuphawu lokumbonga ngokuziphatha kahle,” kusho uNkk Ngubane. 

Uthe amalungiselelo omemulo aqala ngoMashi nonyaka, kanti wonke umuntu emndenini ubelubheke ngabomvu lolu suku. 

Ubalule ukuthi ngaphambi kokwenzeka lesi sigameko, kuqhamuke inyoka esithubeni, yachusha esixukwini yaze yayoma phambi kwakhe umufi.

“Asazi ukuthi lokhu bekuchazani, noma bekubika wona lo mhlola ogcine wenzekile,” kusho uNkk Ngubane. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMsinga abophe owesilisa oneminyaka engu-26 ngecala lokubulawa kowesifazane abazana naye.

“Isigameko senzeke eMbabane ngeSonto. Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMsinga ngoLwesibili,” kusho uConst Ngcobo.