IMEYA yaseMkhanyakude, uMnuz Siphile Mdaka, ibongela abantu abadala abahlomule ngokudla nangezingubo zokulala ohlelweni obelwenziwe umxhumanisi wesigungu se-ANC sesikhashana KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu
Image: Nkosikhona Cele
UMXHUMANISI wesigungu se-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, ufanise uMkhonto weSizwe Party (MKP) nohalakasha lwemamba efuna ukushaya ekhanda kuchitheke izishebo.
Lokhu kuvele ekhuluma namalungu omphakathi akwaThombothi, eJozini, ngesikhathi eyopha uKhisimusi amalungu omphakathi obekukhona kubo izaguga nemizi edonsa kanzima kule ndawo.
Kulolu hlelo olwenziwe yiMike Mabuyakhulu Foundation kuhlomule imindeni engu-800.
UMabuyakhulu uthe okwenzeke ngoMsombuluko, esiShayamthetho, ukuvikela abantu baKwaZulu-Natal, eqenjini lezepolitiki alifanise nemamba eluhlaza, nathe lifuna ukuzodala inkohlakalo. Ubeqonde isiphithiphithi esisuke ngenkathi kuhlalelwe isiphakamiso seMKP sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu waseKZN, uMnuz Thami Ntuli.
"Njengoba silana emphakathini esikufunayo ngalolu hlelo ukuthi lungakhethi muntu, ningabheki ukuthi umakhelwane ugqoka siphi isikibha kodwa ukuzojabulisa abantu. Engifuna nikwazi ukuthi yize sihlukene kodwa ngesinye isikhathi siyadingana. Ngicela nikuqonde ukuthi lokhu okwenzeke esiShayamthetho besidingana sonke, kungakho kube nomphumela eniwubonile," kusho uMabuyakhulu.
Uveze ukuthi abangeke bakwenze ukunikela ngezwe ezinganeni ezifuna ukwenza inkohlakalo.
"Kukhona leli qembu lezepolitiki elifana nemamba eluhlaza elilokhu licathama lifuna ukushaya ukhakhayi. Ngeke sikuvume lokho noma sihlukene kodwa ukuvikela abantu bakithi lokho kuzosenza sihlangane. Ngonyaka ozayo siya okhethweni lana emphakathini wangakithi, ngicela nisethembe niphume ngobuningi benu niyosivotela," kusho uMabuyakhulu.
IMeya yaseMkhanyakude, uMnuz Siphile Mdaka, ithe bayakubonga okwenziwe uMabuyakhulu nenhlangano yakhe kukhulu emphakathini waseJozini futhi lolu hlelo bayalweseka ukuthi luqhubeke njengoba luqale ngonyaka odlule.
"Inhlangano kaKhongolose iyasikhuthaza ukuthi kumele siye ebantwini bakithi, siyobabheka ezimweni ezifana nalezi ngakho nangonyaka ozayo uma sesiya emphakathini lana eJozini, akukho esizokusaba ngenxa yokuthi sihlale sisemphakathini, siyisa izidingo ngakho akukho okungasenza sisabe ukuya ebantwini," kusho uMdaka.
Kulo mphakathi wasemakhaya okugqame kakhulu ukuthi imizi eminingi iphethwe abesifazane njengoba kuyibo akade bebaningi bezohlumula kulolu hlelo.
ABAHOLI be-ANC kuMasipala waseMkhanyakude benomxhumanisi wesigungu sesikhashana sikaKhongolose esifundazweni, uMnuz Mike Mabuyakhulu, (ophakathi) obize iMKP ngemamba
Image: SITHUNYELWE
Related Topics: