Tshatha Ngobe
Image: Instagram
PHEZU kokuba iGagasi FM linyakazise abantu ngokuveza ukuthi lizobe ligadla ngobani ohlelweni olukhulu lokuhlukaniswa konyaka mhla ka-31 Disemba, kodwa lokho akukususi ukuthi uKhozi FM lusathathwa njengomakhonya esitekini sengoma yokuhlukanisa unyaka.
Selokhu kuqale uDisemba, Ukhozi lwethembisa ushintsho ngesiqubulo salo esithi "Siyayijika le nto kulo December".
Okubhekiwe manje kuKhozi FM ukuthi ngabe luzogadla ngobani abazoba yimpendulo egcwele kule ncwadi esibhalwe ngabeGagasi FM?
Unyaka nonyaka Ukhozi luba sematheni uma kufika lolu suku lapho abalaleli bechazwa abasakazi abahlukanisa unyaka, bese bebheka ngabomvu ingoma ehlukanisa unyaka.
Nokho muva nje, uKhozi luzithole kumele luphendule imibuzo eminingi njengoba beziba ningi izikhalazo kubalaleli bekhononda ngengoma ehlukanisa unyaka, abanye bekhala ngokushiywa ngaphandle kwabasakazi abakholwa wukuthi yibona abangenza kangcono ekuhlukanisweni konyaka.
Ngonyaka odlule, Ukhozi lugadle uSelbeyonce Mkhize noMafresh Mpungose kwaba yibona abahlukanisa unyaka. Kulindeleke ukuthi kulokhu itshe ligaye ngomunye umhlathi njengoba uSelbeyonce ezobe ekolunye uhlangothi.
Yize abaphathi boKhozi bengakaqinisekisi ngokusemthethweni ngabasakazi babo ohlelweni lokuhlukaniswa konyaka, kubhekwe ukuthi bafolose ngabasemidwayidwa njengoTshathugodo Ngobe oyisithandwa kubalaleli, uMroza Buthelezi noZimdollar Biyela. Omunye okungenzeka abonakale uSthandwa Nzuza.
Iningi lalaba bake bawuhlukanisa unyaka eminyakeni eyedlule. UTshatha uke wawuhlukanisa ehamba noMr Magic kanye noKhetha Gwala, wabuye wayibamba noDJ Sgqemeza.
UMroza naye wawuhlukanisa ngaphambilini njengoba ehambisana noMr Magic, waphinde wayibamba naye uTshatha, wayibamba futhi noSelbeyonce. Ngakolunye uhlangothi, uZimdollar usawuhlukanise kanye ehambisana noDJ Sgqemeza.
Okunye okuqaphelekayo ukuthi ngaphambilini, uKhozi lwalukumemezela ukuthi zizohamba kanjani izinhlelo ngalolu suku, nokho lwaphinda lwakuyeka lokhu.
Related Topics: