Izindaba

Kusize umphenyi ozimele ngesitshudeni esibulawe sagqitshwa ngeposimende

Zimbili Vilakazi|Published

ZINHLE MCHUNU

Image: SITHUNYELWE

OMUNYE wemiyalezo lapho umsolwa abephika khona elala ngomhlane ezinkundleni zokuxhumana ngokubulala umufi

Image: SITHUNYELWE

KUSIZE ukuthi uqashe umphenyi ozimele umndeni waseRoosboom, eMnambithi, okwenze sigcine sitholakele sigqitshwe ngeposimende emgodini ongashoni isidumbu sothandiweyo wawo.

Isidumbu sikaZinhle Mchunu (23) obenza unyaka wokugcina ezifundweni zobuthishela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, sitholwe kwa-C eMlaza, ngoMgqibelo, emva kokuthi isoka (23) lakhe ligonyuluke ngokumbulala.

Umzala wakhe, uNksz Nolwazi Mchunu elandisa Isolezwe, uthe icishe yaphela inyanga singatholakele isidumbu sikamufi njengoba wagcina ukubonwa ephila ngoNovemba 23, nonyaka.

UMYALEZO kaWhatsApp lapho abekhohlisa khona umndeni kamufi ngabafuna isizumbulu semali ngomufi ukuze bamdedele

Image: SITHUNYELWE

Utshele iphephandaba ukuthi kwakungalolu suku esinye isihlobo sithola umyalezo uvela kumsolwa, uthi uyabazisa ukuthi umufi usevele wapakisha ezinye izimpahla zakhe eposimendeni, wahamba, kulandela ingxabano.

“Sekuyasikhanyela ukuthi ngesikhathi esho kanje, wayesembulele,” kusho uNksz Mchunu. 

Uqhube wathi umsolwa wabatshela ukuthi useye nasemaphoyiseni wayobika ukuthi umufi udukile. Nokho uthe lokhu kwavela ukuthi kungamanga ngesikhathi abangani bakamufi, abehlala nabo endaweni yezitshudeni, befika emaphoyiseni bethola ukuthi akukho muntu oke wabika ngokunyamalala kwakhe.

“Banikela khona namaphoyisa, kwaficwa ikhona iselula namakhadi kaZinhle. Wehluleka ukuphendula into ezwakalayo uma ebuzwa ukuthi uhambe kanjani washiya izinto ezibaluleke kanje?” usho kanjena.

Uveze ukuthi kwabuye kwatholakala isokisi lamsolwa elalinegazi, wathi uma ebuzwa ngalo, wathi ubuye ophe ngoba unesifo sezinso.

Uthe babuye bathola nomyalezo ayewuthumelele umasitende wakhe, ecela ukuboleka amathuluzi okumba umgodi.

"Kwathi uma ebuzwa ngalokho, wathi wayefuna ukumbela udoti othize,” kusho uNksz Mchunu.

Uthe amaphoyisa amthatha, ayomhloma ngemibuzo kodwa abuye amdedela, athi akukho ubufakazi obuqinile angambophela bona. 

“Yasijabhisa le ndlela yokuziphatha kwamaphoyisa,” usho kanje.

Uthe kwathi uma umndeni ufika eThekwini, wathola ukuthi umsolwa usevele waya kubo eKuvukeni, eMnambithi.

Uthe akanasiqiniseko sokuthi yini eyenziwe umphenyi ozimele ukuze umsolwa agonyuluke kodwa bathole ucingo oluthi usegonyulukile ngokuthi wamshaya waze wambulala, maqede wamgxisha eposimendeni wase emgqiba. Kuthiwa kuvele nokuthi ubesebhace eBergville.

Uthe umufi, onengane eneminyaka emithathu, ubezogqoka ijazi ngonyaka ozayo, wathi ubudlelwano bukamufi nomsolwa - okuthiwa naye uneziqu azithola eNyuvesi yaseNorth West - bebungebudala.

“Yize kungeke kumbuyise uZinhle kodwa siyafuna ubulungiswa. Isigwebo sentambo besimfanele. Mncane impela kodwa wenze ubulwane, abulale othandiweyo wethu ngesihluku esinje, maqede abe namandla okugqiba ubufakazi cishe inyanga yonke,” usho kanje. 

Uthe okunye okubuye kwabadina ukuthi aphike alale ngomhlane, abacingise, alokhu exhumana nabo, edukisa umkhondo ethi kukhona abafuna izizumbulu zemali, abathi bayazi ukuthi uphi.

Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphefumuli ngalolu daba.