IMOTO ephonseke ebhulohweni eManzimtoti, kwamuka abathathu ngesikhathi kuhlasele izikhukhula ngeSonto
Image: ALS Paramedics / SUPPLIED
IBALISA ngobuhlungu ezithola ibhekene nabo imindeni yezihlobo ezidlule emhlabeni ngesikhathi kunezikhukhula muva nje, eningizimu yeKwaZulu-Natal.
Le mindeni ithi ife olwembiza ngokulahlekelwa ngabathandiweyo bayo ngenxa yalesi simo. Ibalisa nangokuthi lesi simo siyehle ngaphezulu futhi kulukhuni satshe nokusamukela.
Umndeni kamufi, uMnuz Bheki Mazibuko (oshone eManzimtoti), uthe namanje akuvumi ukuba ukholwe ukuthi ilungu lawo alisekho emhlabeni ngenxa nje yezikhukhula.
Udadewabo kamufi omdala, uNksz Thule Mazibuko, uthe umfowabo uvelelwe yilo mshophi esendleleni ebheke ekhaya eLovu.
Uthe ubesemotweni ngeshwa imoto yangcina ingena emfuleni waseManzimtoti. Uthe lesi simo sibashiye bekhathazekile kakhulu futhi siyisilonda esisazobhibha isikhathi eside kakhulu.
"Kubuhlungu kakhulu lokhu okwenzekile kubhuti wethu. Angazi ukuthi ngampela le nto uNkulunkulu uyivumele kanjani ukuba yenzeke. Kwaze kwanzima ukwamukela nasi isimo," usho kanjena.
Uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi umufi ushiye emhlabeni izingane kanye nomkakhe abemthanda kakhulu.
"Umakoti wakhe kunzima kakhulu okwakhe, akuvumi ukuthi akwamukele okwenzekile. Asazi ukuthi sizodlula kanjani kulesi simo esinzima kangaka," echaza.
Eqhuba, uchaze umufi njengomuntu obenothando ebazisa abanye abantu futhi engenanxa namuntu.
"Uma kukhulunywa ngomuntu olungile kukhulunywa ngalo esikhuluma ngaye njengamanje," echaza.
Ukhale ngokuthi uzosokola umndeni wakhe njengoba umufi ebekade ewondla.
Noma kubuhlungu kunjalo kodwa uthe bayambonga uNkulunkulu ngoba elabo ithambo selitholakele.
Bakhala isililo esifanayo nasemndenini kamufi uMnuz Siyabonga Gumede. UGumede naye ubesemotweni ngesikhathi eficwa yizikhukhula imoto yakhe yangena emfuleni ofanayo eManzimtoti.
Umkakhe, uNkk Luyanda Gumede, ukhulume neSolezwe wezwakalisa ukudumala okukhulu ngomshophi obehlele.
Uthe akuvumi ukuthi bakholwe nokuthi akwamukele lokhu esekwenzekile kumyeni wakhe.
"Akuvumi nokuthi ngikhulume ngale nto, ibuhlungu kakhulu," usho kanjena.
Ngaphandle kwalaba, nomndeni wakwaCele ePort Shepstone nawo ugubazelwe yifu elimnyama ngemuva kokuba ilungu lawo, uNkk Cele, edilikelwe udonga lwendlu lashona lisemcimbini ngesikhathi sezikhukhula.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthembise ukuthi izokuthola ukwesekwa imindeni yezisulu zezikhukhula. Uzwakalise ukukhathazeka kwakhe ngezikhukhula athe zikhinyabeza ezokuvakasha.
Related Topics: