Izindaba

Izithombe zemicimbi

Zimbili Vilakazi|Published

INJABULO uMuzi Nqotheni eyolobola aphinde ambese ingoduso yakhe uPhiwo Zindela, bebesuka eNewcastle beya eMondlo, eVryheid

Image: SITHUNYELWE

KUBA mnandi uma kuhlangene imindeni, izihlobo nabangani kudliwa izibiliboco, kugeleza neziphuzo. Sikuphathele imicimbi ehlukene exoxwa ngezithombe.

Uma ufisa ukuthi izithombe zomcimbi wakho zishicilelwe kuleli khasi, zithumele nge-email ethi: [email protected].

Bhala kafushane ukuthi bekuwumcimbi kabani, umayelana nani futhi ukuphi. Uma esithombeni kukhona abayisihlanu kuya phansi, sicela nibhale amagama nezibongo zomuntu ngamunye. Izithombe zemicimbi sezishicilelwa njalo ngoLwesibili.

BEKUKUHLE kudelile, uThempeli Dlamini egcagca noZamani Mkhize, base bemulisa nendodakazi yabo uSithembile 'Ntwana' Mkhize KwaVishavisha, eMkhomazi

Image: SITHUNYELWE

BEKUMNANDI kumemulo ka-Anele Khuzwayo eMabheleni, KwaSwayimani, eMgungundlovu, esithombeni uhalaliselwa wunina uSabani MaKhanyile Khuzwayo

Image: SITHUNYELWE

BEBEYIBULELE indwangu emshandweni kaNompumelelo Ncwane noKhulekani Makhoba eVerulam, ngoMgqibelo

Image: SITHUNYELWE

INJABULO ezinganeni ebezingenele umncintiswano kanobuhle obuhlelwe uNothando Ndlovu eZingonyameni, ngempelasonto, ngenhloso yokufukula abantu abasha abanamakhono

Image: SITHUNYELWE

BEBEHLOBE kahle kanje oNomusa Mbeje, Silindile MaGwala Sosibo (phakathi nendawo) okuwuye obegcagca kanjalo noMakhosi Ndokweni e-Elandskop

Image: SITHUNYELWE

BEKUYINJABULO yodwa kwaNgcobo eNdlaveleni, KwaSwayimane, ngesikhathi uSiyanda Sosibo noSilindile Gwala bebopha ifindo likasofa silahlane; ophakathi nendawo, umalume kamakoti uSanele Ngcobo

Image: SITHUNYELWE

BEBESHAYA ivosho abafundi be- 4 Angels Day Care Centre e-Adams, ngesikhathi begqokiswa imiyezane yasenkulisa

Image: SITHUNYELWE

INJABULO ibibhalwe ebusweni uHloniphizwe Mbanjwa noZethu 'MaGambushe' Mbanjwa benza umshado wesintu eMhlabashane, eHighflats

Image: SITHUNYELWE