Izindaba

Indida kunyamalala uFata wasemaRomeni kwakhona nabavulelwa icala

Nkosikhona Cele|Published

Indida ngokunyamalala kukaFata

Image: Pixabay

KUSOLWA izixakaxaka zangaphakathi kwiPherishi lamaRoma, iSt James yaseLamontville, eningizimu yeTheku, ngokunyamalala kukaFata obengumholi walo.

Isolezwe Ngempelasonto lithole ngamalungu ebandla akhonza ngaphakathi ukuthi sekuphele inyanga uFata Nkosinathi Ngcobo enyamalele.

Apotshoze ukuthi lokhu kuza ngemuva kokuba uFata Ngcobo anikezwa incwadi yisikhonzi esincane elingeke lidalulwe igama laso ngenxa yeminyaka yaso

''Kule ncwadi isikhonzi sasikade sixwayisa uFata uNgcobo ukuthi makavule amehlo ngoba kukhona amalungu ebandla ahlela ukumbulala. Ngeshwa elikhulu uNgcobo akabuzanga lutho, wavele wakhetha ukuthi lokhu akutshelwa yingane amane akukholwe nje kalula kanjalo,'' kusho elinye ilungu lebandla.

Liqhuba lithi kuyona le ncwadi, isikhonzi esayidlulisela kuFata, kugagulwa amagama abazalwane abathile okuyibona okuthiwa baphambili ekutheni kubulawe uFata uNgcobo.

Isolezwe Ngempelasonto lithinte uMbhishobhi Kwenzakufani Zondi oyisekela likaMbhishobhi kwiDayosisi yaseThekwini, iSt James angaphansi kwalo.

UZondi uvumile ukuthi akekho ePherishini uNgcobo ngenxa yezinkinga ezikhona ngaphakathi. Uvumile nokuthi abazalwane baleli bandla bebekade bexhumana naye mayelana nalolu daba lukaFata uNgcobo.

Uthe bakhethe ukuthi akathi ukushenxa kancane uFata uNgcobo ngoba bebona ukuthi kukhona izikinga ezikhona ebandleni.

''Ngiyalwazi udaba okhuluma ngalo lukaFata uNgcobo. Yebo, yena akekho njengamanje ebandleni. Kodwa ke engingakusho ukuthi konke kuqale ekutheni kube khona abanye obekubukeka sengathi kabamnambithisisi kahle. Lokho ke kuyinto ejwayelekile kulo msebenzi esiwenzayo ngoba abantu angeke baze bakuthande bonke,'' usho kanjena.

Wenqabile ukusho ukuthi ukephi nendanwo uFata Ngcobo njengoba engabonwa nagalukhalo. Mayelana nodaba lokuthi uFata Ngcobo wathola incwadi eyayivela kwisikhonzi imazisa ngabazalwne ababehlela ukumbulala, uthe lokho uyakweshwama.

Uthe njengamanje balinde umbiko ogcwele ovela kubazalwane bePherishi ozobe ubachazela ngakho konke okuqhubekeyao ebandleni nokuthola nje ukuthi sesinjani isimo.

Isolezwe Ngempelasonto lixhumanile nesikhonzi, savuma ukuthi sikhona kuleli bandla. Kuthe uma sibuzwa ngalolu daba sase sithembisa ukuthi sizobuyela entathelini kungekudala, sisho sivala ucingo.

Kuthe sesibuya saphendula kanjena: "Mina ngiyingane encane eneminyaka ewu... (eyigagula). Ngicela ukhulume nabantu abadala bebandla. Akukho engingakusho mayelana nalolu daba. Okokuqala; angazi nokuthi uyithole kanjani inombolo yami yocingo,'' sisho kanjena isikhonzi, kwase kunanela nowesifazane omdala obeseduze naso.

''Hlukana nengane phansi uma ungafuni ukuthi sixabane,'' esho evala ucingo.

Ukubhimba kwezinto ngaphakathi kuleli Pherishi kuze kwaholela ekutheni kube khona isixakaxaka esiba khona emasontweni edlule, lapho khona kukhona omunye umntwana okuthiwa ubhaxatshulwe ngamalungu ebandla emsola ngokubandakanyeka kulolu daba.

Unina walo mntwana ugcine evula icala emaphoyiseni mayelana nokushawa komntwana wakhe esesontweni. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuthi kunecala lokushaya elivulwe esiteshini samaphoyisa saseLamontville.

Isolezwe Ngempelasonto lizame kaningi ukuxhumana noFata Ngcobo kodwa imizamo iphunzile, ucingo belungena engalubambi, lwagcina selungasangeni nje nhlobo.