Izindaba

Bakhungathekile kubulawa owalaxaza imboni yamatekisi

Nkosikhona Cele|Published

Indida kubulawa osewashiya embonini yamatekisi

Image: Sigciniwe

UDUKUZA ebumnyameni umndeni wakwaXulu eNyamazane, KwaMaphumulo, ngemuva kokuba uhlaselwe ngabantu abangaziwa ngoMsombuluko ebusuku.

Kulesi sigameko kudutshulwe kwafa uMnuz Mzwamandla Xulu (57) kwalimala kabi nendodana yakhe, uMnuz Mthokozisi Xulu (24) ophuthunyiswe esibhedlela kukubi.

UNksz Smangele Xulu oyindodakazi kamufi uthe basadukuza ebumnyameni mayelana nesigameko.

Elandisa, uthe bebesegcekeni kushiswa inyama ngesikhathi kuthushuka amadoda amabili avele adubula ephindelela kuyise.

"Ubaba uphelele endaweni yesigameko ngoba bamdubule nasekhanda. Badubule nomfowethu kodwa wakwazi ukubaleka. Ngaleso sikhathi mina ngibone konke obekwenzeka ngoba bengizongena esangweni elincane kanti ngizozithela kule nto," echaza.

Uthe ababulali bebepake imoto yabo ngaphezulu kwakubo.

"Babaleke bayongena emotweni bobabili," echaza. Uthe sebehambile, baphuthumise umfowabo esibhedlela.

"Sididekile, asazi ngampela ukuthi ngobani laba abasicabangela into ebuhlungu kangaka," echaza.

Uthe uyise abekho abantu abaziyo abexabene nabo, waveza ukuthi uyise wayesembonini yamatekisi kodwa sekuphele iminyaka engu-10 aphuma kuyona.

"Ubaba waphuma kudala ebhizinisini lamatekisi. Umama wayesaphila ngaleso sikhathi, uyena futhi owaphoqa ubaba ukuba aphume kulona ekhala ngokuthi akalithandi ," esho.

Uveze ukuthi uyise unezindlu zemiqasho ezingu-104 eziseThekwini. Uthe bayethemba ukuthi kuyoba ngozi makhaza awuphonse umbalane umfowabo.

"Asazi ukuthi sizokwenzanjani emva komngcwabo. Sicabanga nokuthutha okungcono siye kwenye indawo, phela lapha silwa nabantu esingabazi ukuthi bangobani nokuthi bahloseni futhi bafunani," echaza.

Uthe amathemba abo sebewabeke emaphoyiseni ukuze kutholakale umnyombo ngabahlasele kubo.

"Sifuna ukwazi ukuthi ngobani laba abenze into ebuhlungu kangaka ekhaya," echaza.

Uthe angeke bakuthole ukuphumula bengabutholanga ubulungiswa ngalesi sigameko.

"Siyophumula mhla baboshwa laba abenze le nto," esho.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akuqinisekisile ukubulawa kukaXulu nokudutshulwa kwendodana yakhe. Athe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala.