INGAPHANDLE lencwadi entsha kaMnuz Kwandile Hadebe, esihloko sithi Ulaka
Image: SITHUNYELWE
UMBHALI wezincwdi zesiZulu waseMlaza, uKwandile Hadebe, usebhale wakhipha incwadi yezindaba ezimfishane esihloko sithi Ulaka ayichaze ngokuthi iyindlela yakhe yokukhuza okuningi abona kwenziwa ngabantu emphakathini.
UHadebe wenkampani eshicilela izincwadi iWothi Thothi Media, usho njalo engxoxweni ekhethekile neSolezwe malungana nale ncwadi edidiyele izindaba ezimfishane eziwu-11, neqale ukutholakala kuyena ngo-R180 ngayinye kusukela ngesonto elidlule.
Uthe ubekade ehlele ukuyikhipha ngonyaka odlule kepha wanquma ukuyigodla kancane enzela ukuthi uma esenquma ukuyidedela ebantwini ibe isisesigabeni nasezingeni elihle nelizomgculisa ukuthi iwuhambise unjengoba unjalo umyalezo awusophile ngokuyibhala.
“Ngikwenze ngamabomu ukuthi isihloko sayo sithi Ulaka ngoba sidweba ngokuphelele isithombe semiyalezo engiyididiyele kuyona, iningi yalo eliveza izinto engizikhuzayo engiyaye ngibone zenzeka emphakathini futhi ezihlukumeza abantu,” usho kanje.
UMBHALI wezincwwadi waseMlaza, uKwandile Hadebe, ukhiphe incwadi yakhe entsha
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, uthe ikhona futhi indaba aqambe ngayo isihloko sencwadi, exoxa indaba yolaka lwemvula nesiphepho esikhulu, akuchaze ngokuthi kuyizinkomba zolaka lukaNkulunkulu alubhekise ebantwini sakubajezisa ngenxa yokona kwabo emhlabeni.
“Kukhona nendaba ekhuluma ngesimo sabantu abamba izimbiwa zezwe ngokungemthetho ababizwa ngokuthi amaZama Zama, lapho okuhlaluka khona ubungozi balokho emphakathini esiphila kuwona, nokuthi lokho kulibuyisela emuva kangakanani izwe lethu nomnotho walo.
“Ikhona futhi indaba eveza ubungozi bokuzithathela umthetho ngezandla uma kukhona into engakugculisi, nenye futhi esivezela ukuthi ubandlululo lusekhona ezweni lakithi, ikakhulu ezindaweni zasemapulazini lapho kusabusa kakhulu abelungu khona,” kulanda uHadebe.
Lo mbhali akamusha endimeni yezokubhala njengoba eminye yemibhalo yakhe seyike yahlabana ngemiklomelo eyahlukene, kubalwa indondo yencwadi yezindaba ezimfishane ehambe phambili kumaSouth African Literacy Awards anonyaka, nemiklomelo eminingi aseke wahlabana ngayo eMnyangweni wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko nakwiTime of The Writer ukukha nje phezulu.
Ulaka lwelwama izincwadi zakhe eziyisithupha zokuqala okungeyokuqala ethi Ikhwezi yango-2019, Uswazi yango-2021, Ibala Legolide yango-2022, Umyeni Wami Ungumalugaju yango-2022, nezanyakenye ezithi Ishumi neyomdlalo womoya odlalwe oKhozini FM esihloko sithi Inhliziyo Yenyoka.