Kuzohlolwa isimo eRay Nkonyeni kulandela umonakalo odalwe yimvula
Image: Cogta KZN
Umphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, usejube amathimba abhekelele izinhlekelele kuMasipala waseRay Nkonyeni kulandela izikhukhula ezihlasele kulesi sifunda.
Ibhishi elisogwini, elisuka eMargate lidlule e-Oslo Beach liya ePort Shepstone, lihlaselwe yimvula enamandla eqale cishe ngo-16:30 ngeSonto. Imvula idale umonakalo omkhulu kwingqalasizinda yemigwaqo, izakhiwo zezohwebo, nezindawo zezitolo, okuhlanganisa neShelly Centre.
*Isimo samanje kanye nomthelela:
* Izisulu: Imibiko yamanje yomnyango iqinisekisa ukuthi uyedwa umuntu oshonile.
* Ingqalasizinda: Umonakalo omkhulu ubikwe kwingqalasizinda yomphakathi.
* Ukuphepha Emgwaqeni: Imigwaqo eminingi okwamanje ivalwe izihlahla eziwile, futhi ugugulekile endaweni yaseManaba.