Izindaba

Ubizo alwanele uma ungaqeqeshiwe: owamaZayoni

Simangaliso Ntshangase|Published

UMNUZ Mfanafuthi Magwaza emcimbini wakhe wokuthweswa iziqu zobuFundisi obuseDennis Hurley Centre, eThekwini ngoMgqibelo odlule

Image: LINDOKUHLE NXUMALO

OMUNYE wabaholi bebandla lamaZayoni uMnuz Mfanafuthi Magwaza, webandla Isiqalo Sokuthula Kwama Krestu Church of God in Zion, usephosele ozakwabo inselelo yokuthi bakhuthalele ukuzihlupha ngolwazi lwemfundo yobuholi ukuze babe ngabaholi abaqotho.

UMagwaza (54) usho njalo ekhuluma emva komcimbi wakhe wokuthweswa iziqu zokuba wuMfundisi ngokusemthethweni esikhungweni abefunda kusona i-United Ministries Bible School, obuseDennis Hurley Centre, eThekwini ngoMgqibelo odlule.

Lezi ziqu athweswe zona, azifundele iminyaka emithathu - yi-Advanced Leadership Training Course, okusho ukuthi usenolwazi olunzulu lokuhlaziya iBhayibheli, ukweluleka abazalwane, ukufundisa inkulisa yebandla, ukuqeqesha abanye ukuhamba ezinyathelweni zakhe, ukushumayeli ivangeli nokunye okuningi okweyamene nalokho.

UMNUZ Mfanafuthi Magwaza emcimbini wakhe wokuthweswa iziqu zobuFundisi obuseDennis Hurley Centre, eThekwini ngoMgqibelo odlule

Image: LINDOKUHLE NXUMALO

Elandisa ngalokho, uMagwaza uthe lokhu akwenzile ufisa ukuthi kuphosele nabanye abaholi inselelo yokuthi bahambe ezinyathelweni zakhe ukusiza ukuthi bangasaleli emuva ngolwazi olumqoka nolungabasiza ukuthi bahole ibandla likaNkulunkulu ngendlela efanele.

“Ukuma ngobizo lokuhola abazalwane nakho kubalulekile ngokwakho, kepha futhi kusemqoka ukuthi lowo nalowo mholi afunde ngalo msebenzi ukuze angagcini enza izinto ngokwazi nokucabanga kwakhe kuphela, kepha kube ngokwezimiso zikaNkulunkulu.

UMNUZ Lindokuhle Nxumalo noMnuz Leonard Mpungose bephahle umlingani wabo uMnuz Mfanafuthi Magwaza emcimbini wakhe wokumthweswa iziqu zobufundisi obuseDennis Hurley Centre, eThekwini ngoMgqibelo odlule

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

“Nangale kwalokho, ukugaba ngemfundo enjena kusiza ukuthi kuthi uma sewumi phambi kwabantu obaholayo, ubafundise futhi ubahole ngendlela efanele, engicabanga ukuthi uma nabanye abaholi benza kanjengoba ngenzile sizokwazi ukuqhuba umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela efanele nezoyisa ibandla phambili futhi kulithuthukise,” kulanda uMagwaza.

Uthe lokhu akuzuzile manje akwanele futhi akusona isiphetho sohambo lwakhe lemfundo, njengoba edalule nokuthi kusuka manje kubhekwe phambili - usebheke ukuthi afinyelele esigabeni sobudokotela bezeNkolo ukugaba ngolwazi olwanele lokuhola ngobuqotho.