KUBE yinjabulo yodwa ngenkathi uMphathiswa woMnyango wokuThuthukisa uMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga nezinye izikhulu zikahulumeni, bevula ngokusemthethweni isikhungo sokuvikela nokweseka abagilwa bokuhlukunyezwa
Image: Tumi Pakkies / Independent Newspapers
BAZOLASHWA emoyeni, balulekwe ngokwengqondo, bese beqeqeshwa emakhonweni abo ehlukene abagilwa abazogcinwa esikhungweni sokubeseka nokubanakekela esisha esivulwe ngokusemthethweni izolo, i-VZ KaMagwaza-Msibi Khuseleka One Stop Centre esiseBluff, eningizimu yedolobha iTheku.
Lokho kudalulwe wuMphathiswa woMnyango wokuThuthukisa uMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, ngenkathi ethula inkulumo yakhe yokuvula ngokusemthethweni lesi sikhungo esinamagumbi awu-19 okuhlanganisa awokulala, awokuphumula, awokuphekela nalawo ahlelelwe ukwenza izinhlelo zokululeka ngokomqondo labo abasuke bedinga khona.
UNksz Shinga uthe lesi sinyathelo soMnyango awuholayo nezinye izinhlaka zikahulumeni nezizimele ezibambe iqhaza kusona, siwumzamo wokuthi kunqotshwe isihlava esidlangile ezweni sezigameko zokuhlukumeza ngokobulili, ikakhulu kwabesifazane nezingane.
ISEKELA loMqondisi Jikelele woMnyango wokuThuthukisa uMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Maphili Mhlongo, likhuluma emcimbini wokwethula ngokusemthethweni isikhungo sokuvikela nokweseka abagilwa
Image: FACEBOOK/KZN DEPARTMENT OF SOCIAL DEVELOPMENT
“Nangale kwalokho, bekuyindlela esilandela ngayo ikhwelo likaMengameli wezwe, uMnuz uCyril Ramaphosa, lokuthi isifundazwe nesifundazwe kumele sibe nesikhungo esinjena sokusiza nokweseka abagilwa bezenzo zokuhlukumeza okweyamene nocansi, yingakho namhlanje sethula ngokusemthethweni lo msebenzi omuhle kangaka esesiwenzile.
“Okunye okusiphushe kakhulu yizibalo ezishaqisayo eziphume kwikota yokuqala yalo nyaka eziveze ukuthi zibalelwa ku-42 569 izigameko ezibikwe kwabomthehtho zokuhlukumezana okweyamene nezobulili, okusokole futhi kwathinteka kakhulu abesifazane nezingane kuzo. Yingakho sibone kusemqoka ukuthi singahlali dekle kepha kube khona esikwenzayo ukuthi sibambe iqhaza ukulungisa lesi simo esibhekene naso ezweni,” kulanda uNksz Shinga.
UMPHATHISWA woMnyango wokuThuthukisa uMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga neNhloko yalo Mnyango uMnuz Onkemetse Kabasia, besemcimbini wokuvula ngokusemthethweni isikhungo sokuvikela nokweseka abagilwa
Image: Tumi Pakkies / Independent Newspapers
Eqhuba, uthe lesi sikhungo asizukusiza abantu besifazane nezingane kuphela kepha sizobhekela nabesilisa ngoba bayazi ukuthi nabo bayahlukumezeka ngezindlela ezahlukene ngakho bafisa ukuthi lowo nalowo ozoza kusona asizakale ngokungachemile ngokobulili.
“Sifuna ukuthi bonke abantu abazokwelashwa kulesi sikhungo izinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha njengoba kuhlelwe ukuthi kube kanjalo, baphume sebengcono kakhulu kunesimo abafike beyisona. Yingakho senze nokuthi kube nanezinhlelo zokubasiza ukuthi kucijeke amakhono abo ehlukene ukuze baphume bakwazi ukuzimela,” kusho yena.
Udalule nokuthi okwenze ukuthi lesi sikhungo saqanjwa ngomsunguli weqembu lezepolitiki iNational Freedom Party (NFP), uNkk Zanele KaMagwaza-Msibi (ongasekho emhlabeni), wukuthi bebehlose ukumhlonipha ngamagalelo akhe okulwela inhlalakahle yomphakathi nentuthuko yabantu bonke, ikakhulu abesifazane akhule becindezelekile emphakathini.
“Kuyindlela yokuqinisekisa ukuthi igama lakhe nemisebenzi ayenzile esaphila akushabalali kodwa ngale kwalokho, lesi sikhungo sivuleleke kuwona wonke umuntu waseKZN, asikhethi ngokuthi ulandela liphi iqembu lezepolitiki ngakho sigcizelela ukuthi abantu bakithi bangabi nokudideka kulokho ngoba inhloso yethu wukusiza umphakathi esifundazweni,” usho kanje.
Umlingisi wodumo lakuZalo futhi oyindodakazi kaNkk KaMagwaza Msibi, uNksz Gugu Gumede, uthe bajabule kakhulu bewumndeni ngokuthi kube khona into enhle kanjena ezosiza ukuthi igama likanina nemisebenzi yakhe emihle ayenzile kungashabalali.
IPHINI leMeya kaMasipala weTheku, uNksz Zandile Myeni, lisemcimbini wokuvula ngokusemthethweni isikhungo sokuvikela nokweseka abagilwa bokuhlukunyezwa okweyamene nezobulili, i-VZ KaMagwaza Khuseleka One Stop Centre, eBluff
Image: KZN DEPARTMENT OF SOCIAL DEVELOPMENT
“Nanokuthi kuhle futhi kuyasijabulisa ukuthi igama lakhe leyamaniswe nombono ozosiza kulesi sihlava esibhekene naso ezweni lethu, esaziyo ukuthi ngisho esaphila wayehlale elwela ukuthi bonke abantu besifazane babe nempilo enhle nengenazihibe. Siyanxusa nokuthi abantu bakithi basinakekele futhi basivikele njalo lesi sikhungo ukuze kungabi nazithiyo ezizophazamisa ukusebenza kwaso kusuka manje kuya phambili,” usho kanje.
IPhini leMeya kaMasipala weTheku, uNksz Zandile Myeni, nalo belikhona kulo mbuthano, lithe bayaweseka kakhulu lo mbono owenziwe wuMnyango wokuThuthukisa uMphakathi eKZN, njengoba uhambisana nowabo wokuthi kuvikelwe abagilwa bezenzo zokuhlukumeza okweyamene nobulili, nokuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwalesi sihlava emphakathini.