Izindaba

Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane

Zimbili Vilakazi|Published

KUSOLWA umfana oneminyaka engu-17 ngokudlwengula ingane eneminyaka engu-8

Image: Ayanda Ndamane/Independent Newspapers

USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.

Kulesi sigameko kuthiwa umsolwa (17) ongumakhelwane udlwengule umgilwa (8) engaqali, maqede wafuna imali yokugibela kunina isigubhukane, wabaleka, waya kubo kayise eMtubatuba. 

Ngokusho kwesihlobo sikamgilwa esingeke sidalulwe ukumvikela, umndeni uthole ngesigameko ntambama ngosuku esenzeke ngalo.

“Izingane zakubo kamsolwa nazo ezisencane zisitshele ukuthi umsolwa udlwengule umgilwa maqede waziwashisa izingubo ezazinobufakazi bokuthi kade emnyukubeza,” kusho isihlobo.

Sithe bezwa lokho, baphuthume bayokwazisa unina kamgilwa, ovele wamphikela, ethi "uyenze kanjani loyo nto ebe engekho".

“Izingane zimtshelile ukuthi ukwenze engakahambi, nokuyilapho aveze khona ukuthi kanti ubemshusha ngemali yokugibela aye kubo yingoba ubebalekela umonakalo asewenzile,” kusho isihlobo.

Siveze ukuthi bahambe bonke baya eMtubatuba ukuyomlanda, bamnikela emaphoyiseni.

Nokho ukhale ngokuthi athe ngeke aboshwe kodwa uzodedelwa ngaphansi kwesandla sikanina, ngoba useyingane, akayazi into abeyenza. Uthe bagcine betshelwa ukuthi ugcine ekhaya lezingane ngoba ngeke ayiswe ejele lezingane.

“Aseneme thina ngalokhu ngoba kukhombisa ukuthi kubhekelelwa yena kakhulu engumsolwa esikhundleni sokuthi kucatshangelwe umgilwa,” kusho isihlobo.

Isihlobo siveze ukuthi kubo kamsolwa sekukhala ibhungezi. 

“Abekho bonke nezingane okuyizo ezasibikela ngesigameko. Akusiphathi kahle lokhu ngoba kusho ukuthi unina kamsolwa usezibalekisile ekubeni sigcine zingakathathwa izitatimende zazo emaphoyiseni,” kusho isihlobo.

Sithe bezwe ngandlebenye ukuthi lona wesifazane utshele amaphoyisa ukuthi bazizwa bengaphephile ngoba umphakathi kade usuzungeze umuzi wakhe ufuna ukuwungqongqisa ngomlilo.

“Akulona iqiniso leli ngoba udaba selokhu lwenzekile asikaze sixoxele muntu ngalo. Abantu abalwaziyo yimindeni yomibili,” usho kanje.

Udalule ukuthi lona wesifazane uke wahlongoza eyokubakhokhela, ukuze udaba luphelele phakathi kwemindeni, lungayi emaphoyiseni. 

Uphinde wadalula ukuthi nasezinganeni zakubo kamsolwa bayasola ukuthi useke wazinyukubeza nazo ngoba bezithi uma zibuzwa, zivele zihlengezele izinyembezi. Uthe umgilwa ubatsele ukuthi ubengaqali umsolwa ukukwenza lokhu.

Uveze nokuthi umndeni wakubo kamsolwa uneminyaka emibili ufikile endaweni, wathi bathole ukuthi lapho obuvela khona wahanjiswa indaba yakhe umsolwa enukubeza izingane endaweni. 

“Sifuna ubulungiswa, ajezele amacala akhe. Ukudlwengula kwakhe, maqede abaleke aye kubo kayise kukhombisa ukuthi ubeyazi kahle into ayenzile ukuthi iyicala,” kusho isihlobo.

Kuthiwa isigameko senzeke ekamelweni lomsolwa elisendlini enkulu, unina engekho esemsebenzini. Ubesele nezingane ezineminyaka ephakathi kwemihlanu kuya kwengu-10. Kuthiwa umgilwa ujwayele ukuvakasha kulo muzi njengoba kukhona kuwo ontanga yakhe. Ngokombiko wasesibhedlela, kuvela ukuthi umsolwa umdlwengule ngaphambili nangemumva umgilwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Ntathu Ndlovu, uthe ngoDisemba 14, 2025 owesifazane ulethe indodana (17) yakhe emaphoyiseni aKwaDukuza, yabekwa icala lokudlwengula intombazane (8).

“Lokhu kuze emva kokuthi omakhelwane bembikele ukuthi umsolwa uhlale ebonakala nomgilwa osemncane. Umgilwa uyiswe esibhedlela lapho okufike kwaqinisekiswa khona ukuthi unukubeziwe,” kusho uNdlovu.

Uthe umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngoDisemba 15, 2025, wabuye wabuyiselwa esitokisini. 

“Icala lihlehlisiwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” kusho uNdlovu.