Izindaba

ISadtu izonquma ngezomeseka phakathi kwe-ANC ne-SACP

Mhlengi Shangase|Published

Unobhala jikelele weSADTUMugwena Maluleke

Image: Facebook

KUZOCACISA ingqungquthela eyisipesheli yenyunyana yothisha iSadtu ukuthi izoqhubeka nokweseka i-ANC okhethweni lwangonyaka ozayo lohulumeni basekhaya noma isizohamba namaKhomanisi, azongenela ukhetho ngokuzimela.

Lezi ngezinye zezinto ezibhungwe emhlanganweni wokugcina wonyaka, wesigungu esiphezulu sale nyunyana muva nje.

Isitatimende esikhishwe yile nyunyana, siveze ukuthi ixoxiwe eyesinqumo seSACP sokuzimela okhethweni, ingaseki i-ANC.

Sithe lesi sinyathelo sizoba nomthelela kumadlelandawonye ahlanganisa i-ANC, SACP, Cosatu neSanco.

"Simile ekutheni sizobiza ingqungquthela eyisipesheli ngo-2026, ngaphambi kokuba kube nengqungquthela yeCosatu, ukuze siphume nomkhombandlela ngesizomeseka okhethweni. Sasivele sishilo ukuthi uma kwenzeka i-SACP ithi izongenela ukhetho, sizobiza le ngqungquthela eyisipesheli."

Sithe okwamanje le nyunyana yeseka i-ANC okhethweni, okuyisinqumo esathathwa ezingqungqutheleni zale nyunyana.

I-Sadtu ithe ubumbano lwamadlelandawonye lubaluleke kakhulu kanti kumele luqiniswe.

"Siyahambisana nombono wokuthi kubizwe umhlangano wawo wonke amadlelandawonye ukuze kubhungwe ngokubhekana ngeziqu zamehlo kwe-ANC ne-SACP. Siyahambisana nombono we-ANC wokuthi kumele buqiniswe ubudlelwano bamadlelandawonye." 

Idale uqhekeko eyokuzimela kweSACP okhethweni njengoba kunokushayisana phakathi kwalezi zinhlangano ngalesi sinqumo.

I-SACP imile ekutheni ihlabela phambili nalesi sinqumo sokuzimela ngoba sathathwa engqungqutheleni yale nhlangano. Ngakolunye uhlangothi, i-ANC isanethemba lokuthi mhlawumbe izinto zingahle zishintshe, buqhubeke ubudlelwano bokusebenzisana phakathi kwalezi zinhlangano.

I-ANC ike yakuveza ukuthi lesi sinyathelo samaKhomanisi sizoba nomthelela ongemuhle okhethweni njengoba uKhongolose ebhekene nezinselelo zokwehlelwa ukwesekwa kuleli.

UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uveze ukuthi sebebeke ithemba labo ophikweni lwentsha lale nhlangano ukuthi buzosebenza ngamandla kubuye ukwesekwa kwe-ANC njengoba kubhekwe okhethweni.

UMbalula uyalele i-ANCYL ukuthi ihambele ezindaweni lapho kugcwele khona abantu abasha ukuze yesekwe.

ISadtu engenye yezinyunyana ezinkulu ngaphansi kweCosatu, ibhekene nengwadla yokuthi ikhethe phakathi kwe-SACP ne-ANC, njengoba abanye abaholi bale nyunyana baphinde babe ngabaholi kwi-SACP.  Abanye abaholi beSadtu bajutshwe ezikhundleni eziphezulu yi-ANC.

UNobhala Jikelele weSadtu, uDkt Mugwena Maluleke, ujutshwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, oke wahola uphiko lwentsha lweSACP, ukuba yibamba likasihlalo esikhwameni esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Students' Financial Aid Scheme (NSFAS).