Emakhazeni
Image: Chris Collingridge / Independent Newspapers
UKHALA ngesibhedlela iMontebello esiwuzwise ubuhlungu phezu kobunye umndeni waseMission, eNdwedwe, kulandela ukuphanjaniswa kwezidumbu emakhazeni ngeledlule.
Ngokusho kwesihlobo, uNkk Nelisiwe Bhungu, oshonile uNksz Nokuthula Zungu ongumakoti wakwakhe, ushonele esibhedlela ngoDisemba 4.
Uthe yize kunjalo, umndeni uze wathola ucingo lwesibhedlela sibazisa ngokushona kwakhe ngoDisemba 12.
"Batshele umndeni ukuthi awuze esibhedlela ngoMsombuluko (Disemba 15) nomazisi kamufi ukuze uzokhipha isidumbu emakhazeni esibhedlela. Umndeni uthe usufika uzithele phezu kwensumansumane yokuthi isidumbu asibonwa," kusho uNkk Bhengu.
Uthe batshelwe ukuthi ngokwamarekhodi abhalwe phansi, kuvela ukuthi sinikwe umndeni wakwaNzama eNsuze, ngoDisemba 11.
"Okusho ukuthi ngesikhathi umndeni ufonelwa ngoDisemba 12, isidumbu bese sivele singasekho, sesinikwe omunye umndeni," kusho yena.
Uthe lokhu kukodwa kubashiya nemibuzo yokuthi nakuba bekungenzeka ukuthi umndeni ungabonisisi kahle, uzitshele ukuthi yisihlobo sawo nawo kodwa isibhedlela sisidedele kanjani amagama nezinombolo zikamazisi kungafani?
"Ngoba phela kucaca ukuthi umndeni wakwaNzama uze nomazisi obhalwe amagama nesibongo sawo. Manje bawunike kanjani isidumbu somuntu okubhaliwe ukuthi owakwaZungu?" kusho uNkk Bhengu othe bazibuza nokuthi ingabe isitifiketi sokushona senziwe kanjani ngoba umazisi kamufi ungakubona?
Uthe namanje basadunguza ebumnyameni ngenqubekela phambili njengoba umndeni uphume esibhedlela wanikela emaphoyiseni aseNsuze, abakhombe kwawaseNdwedwe, nawo abakhomba enkantolo. Uthe awaseNdwedwe athe wona azongenelela uma sekukhona incwadi yasenkantolo ethi awahambe ayomba isidumbu lapho esesingcwatshwe khona.
"Uyile umndeni enkantolo izolo (esho ngoLwesithathu) wabuya nempendulo ethi ake uyohlala ekhaya, uzobuye ubizwe. Uphinde wabizwa namuhla, nesingazi ke ukuthi inkulumo iphethe kanjani njengoba uyise kamufi esaye khona," usho kanje.
Uthe abakaze baxhumane nalo mndeni ongcwabe isihlobo sabo, kabawazi.
"Isihlukumezile le nto. Izingane zikamufi esezikhulakhulile azikwazi ukumelana nesimo. Zivele zidinde esikaNandi, zicabanga eyokuthi unina akabange esabuya esibhedlela, ushonile kodwa futhi manje isidumbu sakhe sesivele salahleka," kubalisa uNkk Bhengu.
Uveze ukuthi umufi wayengeniswe esibhedlela ngo-Agasti nonyaka, exinwe isifo samathambo.
Kushaye isikhathi sokushicilela uMnyango wezeMpilo ungakaphefumuli ngalolu daba.
Related Topics: