Zikhala ngendlala iziboshwa eWestville
Image: Sigciniwe
KUKHALWA ngendlala ebulala iziboshwa ezisahamba amacala ejele laseWestville, eThekwini.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo, lesi simo siqale emasontweni ambalwa edlule kanti kuze kube yimanje asikaxazululeki.
Ngokomthombo, iziboshwa ezisahamba amacala ezigqunywe kuleli jele, zidla kanye ngosuku, uma kwenzekile zadla kabili, zidla sekudlule isikhathi.
“NgeSonto kwashaya ihora lokuqala emini zingakaze zikuthi mbibi ukudla,” kusho umthombo.
Uqhube wathi lezi ziboshwa zithe uma zibuza ukuthi kungani zingadlile kuze kushaye lesi sikhathi, ojele bazitshela ukuthi kufe umshini wokupheka izinkwa.
“Okuxakayo ukuthi zithole ngozakwabo asebegwetshiwe ukuthi lokho akulona iqiniso ngoba bona badle ngesikhathi esejwayelekile,” kusho umthombo.
Uthe bathole ukuthi lezi ziboshwa kuke kwenzeka zathola impendulo kojele ethi azikakabi umthwalo woMnyango wezoBulungiswa ngokugcwele njengoba zisahamba amacala.
“Zithi ojele bathi indaba yazo yokungabi bikho kokudla ilukhuni ngoba zingabantu abanyawo lwabo olulodwa lungaphakathi, ngesikhathi olunye lungaphandle, njengoba amacala azo esaqulwa,” kusho umthombo.
Uthe ziveze ukuthi kokunye zibuye zindle ngabo-7 ebusuku.
Uqhuba, uthe okubuhlungu ukuthi labo abanemindeni ehlala kude, efika kanye emva kwesikhathi eside, bashayeka kakhulu.
“Ngoba ukudla okungena ngaphakathi kukaliwe. Imindeni ifika nokudla okuningi ngethemba lokuthi kuzongena konke ukuze kubaqhube isikhashana, ojele babaphindisele nakho emumva, bethi kuningi. Manje umbuzo uthi bazoyithathaphi imali yokuthi balokhu begqigqa ejele zonke zinsuku ukuze izihlobo zabo zingabulawa yindlala,” kusho umthombo, onxuse iziphathimandla ukuba zilusukumele lolu daba.
Okhulumela lo mnyango KwaZulu-Natal uMnuz Thulani Mdluli uthunyelelwe imibuzo, wangaphendula.