U-Alfred Mzwakhe Sigudhla isolwa ngenkohlakalo yezigidi kwikhomishana kazwelonke yelotho
Image: Sithunyelwe
I-SIU inikele enkantolo equla amacala ayusipesheli ngemizamo yokuthola incwadi yesivimbelo.
Nebala iyitholile incwadi eyivumela ukuba ivimbe uTintswalo Patience Chauke ekudayiseni umhlaba kanye nokusebenza imihlomulo kaR2.7 million akuthole ngesehlukaniso asenze no-Alfred Muzwakhe Sigudla owayengumyeni wakhe. USigudla umsolwa ngenkohlakalo yezigidi azithola ngezibonelelo kwiNational Lotteries Commission. Kuthiwa umshado wabo waphela ngo-2021.
Lokhu kususelwa esinyathelweni seSIU sokushaqa indlu kaNokusho eseMidstream Estate, eGauteng, kusalindwe ukuphothulwa kwamacala omphakathi mayelana nokusetshenziswa budedengu kwezimali ezabiwe yiKhomishana Kazwelonke Yelotho (i-NLC).
Lo myalelo uvimbela u-Israel Mathibe, i-Smart Safety PPE kanye nanoma iyiphi enye inhlangano ekuthengiseni, ekulahleni, ekuqashiseni, ekuthwalweni (okuhlanganisa nokunikeza amalungelo okugcina), ukudlulisa, ukunikela, noma ukuphatha nganoma iyiphi indlela Lesi sakhiwo. Uphenyo lwe-SIU luveze ukuthi imali eyayikhishelwe amaphrojekthi omphakathi, okuhlanganisa ukuthuthukiswa kwezolimo namakhaya abantu abadala, yasetshenziswa ngendlela engafanele kuze kuthengwe le ndawo ngoxhaxha lwezinkampani ezingenzi nzuzo (NPC) nezinhlangano ezizimele.
I-SA Youth Movement NPC ithole u-R23 million wamakhaya asebekhulile ezindaweni zasemakhaya, kodwa ngokuhamba kwesikhathi yakhokha u-R1.6 million enkampanini iSmart Safety PPE, eyafaka u-R1.6 million ekuthengeni lo muzi oseMidstream. IMalusi weSizwe NPC yathola u-R13 million wohlelo lwezolimo KwaZulu-Natal kodwa yadlulisela u-R896,980 kwiTrizaflo (Pty) Ltd, eyabe isikhokha u-R2.1 million wokulungisa wona lo muzi. Umuzi lo ubhaliswe ngaphansi kwe-Smart Safety PPE, kanti uMnuz Alfred Mzwakhe Sigudhla, nguyena umqondisi wayo le nkampani onegunya lokusayina amaphepha ayo. USigudhla, uphinde asebenze njengoSihlalo we-SA Youth Movement NPC, eyathola u-R23 million ku-NLC yamakhaya ezaguga. Wasayina i isivumelwano sesibonelelo sikahulumeni ngomhla ka-15 kuSepthemba 2017, kanye nokwengezwa kwezigidi ezingu-R7.5 ezengeziwe ngoMeyi 21, 2019, naphezu kokuntuleka kobufakazi bokwenziwa kwephrojekthi.