Izindaba

Kulimale 6 oshayasibhamu begadla emotweni yemali

Updated

Kulimale 6 oshayasibhamu bebamba imoto yemali eNew Germany

Image: ALS

Ngemuva nje kuka-07:30 ebusuku ngoLwesine  bezimo eziphuthumayo bakwa-ALS babizelwe kuShepstone Road eduze noHendred Road eNew Germany, ePinetown eNtshonalanga yeTheku ngemibiko yokugetshengwa kwemoto yemali.

Bafike endaweni yesehlo balinda i-SAPS ukuthi ivikele indawo ngaphambi kokusebenza.

Imibiko yokuqala iveza ukuthi iqulu lamadoda elihlasele imoto yemali livulele ngenhlamvu libhekise kuyo kwalimala nabanye abantu ebebedlula ngezimoto zabo. Abezimo eziphuthumayo bathole ukuthi kulimale abantu abayisithupha, owesilisa oyedwa okukholakala ukuthi ungumgibeli emotweni ebidlula ubenamanxeba amabili okudutshulwa esiswini futhi usesimweni esibucayi. Ulashelwe kuyo lendawo ngaphambi kokuba ahanjiswe esibhedlela esiseduze ukuze athole ukunakekelwa okuphuthumayo abekudinga. Abanye abane abalimele kubalwa kubo onogada ababili nephoyisa elilodwa. Umgwaqo u-Shepstone uvaliwe njengoba amaphoyisa beqhuba uphenyo lwawo.