Izindaba

Izinsolo zokungaziphathi kahle kowesifazane ogwaze isoka lafa

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI uMnuz Thalente Ngcobo

Image: SITHUNYELWE

KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.

Kulesi sigameko kubulawe ngesihluku uMnuz Thalente Ngcobo (36), okuthiwa ugwazwe ngesikele yisinqamdamathe (29) sakhe esingeke sidalulwe njengoba singakaveli phambi kwenkantolo.

Udadewabo kamufi, uNksz Ntombenhle Ngcobo, elandisa ngesigameko uthe ngosuku lwesehlo umfowabo unikele emqashweni kamsolwa, bafike bahilizisana.

Uthe umufi wayenengwa ukuthi kwase kusebusuku kodwa umsolwa esahleli nabangani bakhe, kuphuzwa, bengazi nanyaka.

“Umsolwa kuthiwa wayephuza, eqaqa omunye umngani wakhe ikhanda ngesikele,” kusho uNksz Ngcobo.

Uthe akwaziwa ukuthi yini eyabangwa kodwa umsolwa wabonakala ehlala izithonto kumufi, emklinya.

“Okwalandela lapho kuthiwa kube ukumgwaza ephindelela, ngisho esebaleka, waqhubeka wamgwaza ngisho emhlane,” usho kanje.

Uthe bewumndeni ubuye ubafikele umcabango wokuthi mhlawumbe umsolwa akakwenzanga yedwa lokho.

“Siyafisa ukuthi asitshele iqiniso lokuthi yini le engaka eyayingasalungiseki kangangoba waze wabona kugcono ukuthi ambulale,” kusho uNksz Ngcobo.

Uthe bathole ngesigameko ngomshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile ongumakhelwane wabo.

“Esegwaziwe, bafaka isicelo emotweni ekhokhelwa ngebanga elihambile kanti kuzovele kuze imoto kamakhelwane wethu. Wabaphuthumisa esibhedlela eKing Edward (Victoria Mxenge) nokuyilapho okwafike kwathiwa useshonile,” kusho uNksz Ngcobo.

Uthe lona wesilisa wabazisa ukuthi abahambe bayobheka ngoba kade ebiziwe ukuthi ahambise umuntu esibhedlela, wathola ukuthi umakhelwane wakhe.

Uveze ukuthi bathe uma bebheka izingxoxo zikamufi nomsolwa, bathola ukuthi bebehlale bexabana, kukhona ukungathembani.

Uphinde waveza ukuthi batshelwe omunye umngani kamufi ukuthi wake wambamba umsolwa ukuthi unelinye isoka. 

“Uthe emva kwalo lokho kwaba khona ukungathembani, waqala lapho umfowethu ukuphila ngokumgada umsolwa,” kusho uNksz Ngcobo.

Uthe ngokwamanye amalungu omndeni, ubudlelwano balezi zithandani bebunezinyanga ezibalelwa kweziyisithupha bukhona, kanti ubeke avakashe ekhaya kubo.

Uthe nokho bebengakaze bakubone ngamehlo ukuxabana kwabo.

Uveze ukuthi umufi unezingane ezisencane eziphakathi konyaka owodwa nengu-14. Uthe wathola ukuthi umsolwa ungowokuzalwa eBergville.

Uthe bafisa ukuthola ubulungiswa, umsolwa ake agonyuluke ngokuthi yini eholele ekutheni enze isenzo esibi kangaka.  

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseCato Manor asebophe owesifazane oneminyaka engu-28 ngecala lokugwaza isoka (36) lakhe laze lafa esigamekweni esenzeke emgwaqweni uCoronia, eCato Crest, ngoLwesihlanu. 

“Imibiko ithi laba ababili babe nengxabano yezithandani ephethe ngokuthi owesifazane agwaze owesilisa ephindelela esebenzisa isikele,” kusho uNetshiunda, othe umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduzane.