Izindaba

Idili lomculo kujatshulelwa impumelelo ka-R29 million wabestokofela

Simangaliso Ntshangase|Published

UMNUZ Eric Phetha, owaziwa ngelikaProf Ntatheli Wasemazulwini, wenhlangano engenzinzuzo iSakhisana Imizi

Image: SITHUNYELWE

IZOBUNGAZWA ngedili lomculo lobusuku bonke impumelelo yenhlangano engenzi nzuzo iSakhisana Imizi, ehlanganise abantu abebengazani iminyaka emibili yonke bebeka imali ndawonye, osekuthela izithelo njengoba abanye babo sebakhe imizi, bathenga nezimoto.

Leli dili lomculo elibizwa ngokuthi yiSishaya Izinyoni Ezine Ngetshe Elilodwa Cultural Event, lizoba se-EThekwini Community Church, eThekwini ngoMgqibelo ngo-6 ntambama kuze kuyosa emnyango, kanti kuzobe kungenwa ngo-R200 emnyango umuntu ngamunye. 

Umsunguli wale nhlangano engenzinzuzo uMnuz Eric Phetha, owaziwa ngelikaProf Ntatheli Wasemazulwini, uthe kuze kufika kulesi sigaba sombungazo nje, umbono wabo uqale ngenkathi benozakwabo abahlanu benquma ukuqala isitokofela sokwakhisana imizi sika-R2 000 njalo ngenyanga umuntu ngamunye.

“Kuqhubeke kanjalo, kwakhula kakhulu ngenkathi sengazisa abantu kwiTikTok ngale nto enhle kangaka esiyenzayo, kwaya saba bawu-60, sagcina sesikwazi ukwenza imali engaphezu kwa-R2 million ngenyanga, kwasizakala inqwaba yabantu abasijoyinile.

UMCULI uBabo Ngcobo womunye wabazonandisa edilini lomculo iSishaya Izinyoni Ezine Ngetshe Elilodwa Cultural Event, ozoba se-EThekwini Community Church ngoMgqibelo ebusuku

Image: SITHUNYELWE

“Siqale ngo-2023, kanti manje sesinamalungu angaphezu kuka-2 000, amagatsha enhlangano awu-15 ezifundazweni ezine esitholakala kuzona okuyiKwaZulu-Natal, Eastern Cape, Gauteng naseMpumalanga. Sesikwaze ukugcina sihlanganisa imali engaphezu kuka-R29 million okuyinto esibone kumele siyijabulele,” kulanda yena.

Leli phephandaba lilibonile ngempela ikhasi likaTikTok lale nhlangano, lapho okubonakala khona abantu abaningi abasizakale kulo mbono wayo; abanye babo bakha imizi, bavusa amakhaya, nabanye bezijabulisa ngokuthenga izimoto nokunye okuhle kwempilo yabo.

Kuleli dili lomculo kuzonandisa amaciko ehlukene okukhona kuwona uBabo Ngcobo, MC Nuh, Malusi Ndlovu, Vumile Mngoma, Amawele Amahle, Thulani Shezi, Mfana KaMama, Nhlakanipho Mncwabe, iZidla Ngamabala Cultural Group, Lwazi Langa, Isibusiso Musical Group, Mthobisi Bhengu, Mqapheli Ndlovu, Sibusiso Mtshali, Something Mabuza noMan Teezer.

UMCULI uVumile Mngoma womunye wabazonandisa edilini lomculo iSishaya Izinyoni Ezine Ngetshe Elilodwa Cultural Event, ozoba se-EThekwini Community Church ngoMgqibelo ebusuku

Image: SITHUNYELWE

“Kuwo futhi lo mcimbi kuzokwenziwa nomncintiswano wokumodela wezingane, okuzothi eziwu-12 ezizohamba phamili kuwona ziklonyeliswe ngomfaniswano wesikole wokufunda ngonyaka ozayo. Sizonikezela nangezindondo zokuhlonipha amalungu enhlangano yethu abambe iqhaza elikhulu ukusabalalisa umbono wethu,” kusho uPhetha.

Leli ciko, eliyimbongi yaseHopewell, eMgungundlovu, lidalule nokuthi lokhu akuzukuphelela lana njengoba nangonyaka ozayo bezoqhubeka nomshikashika wabo wokusiza abantu ukuthi benze kalula izinto ezisemqoka zempilo yabo okuba nzima ukuzenza ngabodwana.