Kutholakale okuningi okungalungile ngokwakhiwa kwaleli thempeli
Image: Leon Lestrade / Independent Newspapers
KUVELA ukuthi ayikho imvume ebikhishwe yiziphathimandla ukuthi kuqhubeke ukwakhiwa kwesakhiwo sesonto esidilike eRedcliff, eVerulam, ngeledlule, kwafa abahlanu.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Dean Mcpherson, esithangamini sabezindaba eMayfair, eThekwini.
UMcpherson ubekhashwe nguMphathiswa woMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Martin Meyer, iMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba nezinye izikhulu zikahulumeni.
Kulesi sithangami bebezokwethula umbiko wesikhashana ngodaba lokudilika kwalesi sakhiwo.
UMcpherson uthe kuyabakhathaza ukuthi ezinhlakeni ezithintekayo uma kukhona isakhiwo esizokwakhiwa, akuveli lutho olukhombisa ukuthi lesi esidilikile, sasiphasisiwe ukuba sakhiwe.
“Akuveli sicelo samapulani okwakha esasifakiwe futhi akuveli mvume yokwakha eyakhishwa. Njengoba lolu lwazi lungaveli, kusho ukuthi izinhlaka ezithintekayo zancishwa ithuba lokuthi ziyihlole le ndawo obekwakhiwe kuyo, ziyiqaphe ziphinde zingenelele ngesikhathi kuqhubeka ukwakha,” kusho uMcpherson.
Kuvele ukuthi umsebenzi wokwakha leli thempeli ebelinezitezi ezine waqala ngoMashi nonyaka.
Uphinde wathi uphenyo lwesikhashana luveze ukuthi ukhonkolo osetshenzisiwe kwakhiwa isakhiwo ushiya imibuzo njengoba kuthe selidilikile, kwaba nenqwaba yemvuthu (impuqumpuqu).
Ugcizelele ukuthi kuzofanele kuphenywe ukuthi wathengwaphi nokuthi labo abawudayisayo bawenza ngani?
Uthe izinhlaka ezehlukene eziphenya ngalolu daba, ezifaka phakathi iCouncil for the Built Environment (CBE), zenze izincomo ezimbalwa ezibalulekile.
“Kuzona kukhona esokuthi kutholwe ngazo zonke izakhiwo ezakhiwa ngokungemthetho komasipala abehlukene ezweni lonke. Ukuphoqa zonke izindawo ezidayisa ukhonkolo osulungele ukusebenza ukuthi zibikele izinhlaka ezibhekelela ezokwakha uma kukhona abawuthenga ngesibalo esikhulu, kwenzele ukuthi kwazeke ngomsebenzi wokwakha osuke uqhubeka,” usho kanje.
Uphinde wathi bazongena embhidlangweni kazwelonke emiphakathini, bafundise abantu ngokubaluleka kokuqale bathole izimvume zokwakha ngaphambi kokuqala komsebenzi ukuqinisekiisa ezokuphepha.
Uthe udaba lwale nhlekelele ulubikile kuMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ozwakalise okukhulu ukukhathazeka ngesigameko, ezwelana nabagilwa kanjalo nemindeni yabo. Uthe naye uthunyelelwe umbiko wesikhashana, wezwakalisa ukuthi uyakweseka konke osekwenziwe ukusuka ngesikhathi kwenzeka isigameko kuze kuba manje.
Ube eseveza ukuthi ubhalele uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia, ecela ukuba angenelele ngokuthi ahlanganise ithimba lamaphoyisa avela ezifundazweni ezehlukene ukuba aphenye lolu daba.
Uthe ucele uCachalia ukuba afake phakathi ithimba lamaphoyisa ayephenya ngokudilika kwesakhiwo saseGeorge, eWestern Cape, ngoJulayi nyakenye, lapho okwafa khona abantu abangu-34, kwalimala abangu-28. Uthe uyakholelwa ukuthi leli thimba linamava angaba wusizo ophenyweni lokudilika kwethembepi.
Kwabashonile, abane bangcwatshwe ngoLwesibili, ngesikhathi oyedwa ungakaqhamuki umndeni wakhe ukuzothatha isidumbu.
Kutholakale okuningi okungalungile ngokwakhiwa kwaleli thempeli
Image: Leon Lestrade / Independent Newspapers
Kutholakale okuningi okungalungile ngokwakhiwa kwaleli thempeli
Image: Leon Lestrade / Independent Newspapers