Izoshicilelwa emaphephandabeni imiphumela ka-matric
Image: Sigciniwe
LIZOQHUBEKA "isiko" lokushicilelwa kwemiphumela ka-matric emaphepheni ngonyaka ozayo emuva kokuba iNkantolo eNkulu ePitoli, ichithe isicelo ebesifakwe yi-Information Regulator, ebifuna ingashicilelwa.
Ayiqali ukuthi ikhale ngaphansi i-Information Regulator ekutheni ifuna inkantolo imise ukushicilelwa kwale miphumela ikhala ngokuthi kumele ivikelwe imiphumela yabafundi ngoba ukukhishwa kwayo akuhambisani nomthetho i-Protection of Personal Information Act (POPIA).
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, uMnuz Terence Khala, uthe bayasamukela isinqumo senkantolo enkulu, sokuthi baqhubeke nokushicilela le miphumela emaphepheni.
Uthe sekufana nesiko ukushicilela le miphumela emaphepheni ngakho lesi sinqumo sivale isahluko.
"Isinqumo senkantolo sicacisa ungabazane obelukhona kubafundi nakubazali mayelana nokushicilelwa kwemiphumela emaphepheni. Inkantolo ikuchithile ukuthi kukhona okungahambisani nomthetho ukushicilelwa kwemiphumela," usho kanje.
Uthe lokhu kukhishwa kwemiphumela ngale ndlela kwenza abafundi bakwazi ukuyithola ngosuku olulodwa.
"Sizimisele ukuqhubeka sisebenzisane ne-Information Regulator ukubeka phambili amalungelo abafundi silandele nomthetho. Lolu hlaka luneqhaza elibalulekile ekuvikeleni ulwazi lwabantu kuleli," kusho uKhala.
Umnyango waveza ukuthi ezinye zezizathu owenza uqhubeka nokushicilela imiphumela emaphepheni ngukuthi abanye abafundi basuke bengekho ezifundazweni ababhalele kuzona, okungenza bangakwazi ukuthola imiphumela yabo ngesikhathi.
Waveza ukuthi abanye basuke besemaholidini ngakho ukudedela imiphumela emaphephabeni kwenza bakwazi ukuthola kanye kanye imiphumela uma isikhishwa.
Kukhona ababeshaya amakhala, bethi imiphumela kumele bayilande ezikoleni ngoba kwamanye amabanga bayilanda ezikoleni.
Kodwa umnyango waveza ukuthi awusakhiphi lonke ulwazi lomfundi njengegama nesibongo sakhe kodwa ukhipha inombolo abhala ngayo izivivinyo.
Phambilini, kwakukhishwa imininingwane yomfundi kanjalo nesikole abefunda kusona. Kodwa manje sekukhishwa igama lesikole nenombolo yokubhala.
Kwabuye kwaba nokukhala ngokuthi noma imininingwane ingasakhishwa kodwa ngenxa yokuthi abanye abafundi osuke ufunda nabo bayayazi inombolo yokubhala yomunye umfundi uma zilandelana, kuba lula ukubona ophasile nongaphasanga ephepheni.
Imiphumela ka-matric izomenyezelwa nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube ngoJanuwari 12, 2026, bese ikhishwa emaphepheni ngakusasa kanti abafundi bazokwazi ukuyilanda ezikoleni.
Related Topics: