Izindaba

Udutshulwe wafa obefunelwa amacala okubulala eSawoti

Nonkululeko Nhlapo|Published

Itekisi ebelihamba umsolw

Image: SAPS

NgoMsombuluko, kudutshulwe kwabulawa umsolwa obefunelwa amacala amaningi abucayi nanodlame eMaydon Wharf.

Umsolwa ubefunelwa uxhaxha lwamacala okuhlanganisa awokubulala nelokuzama ukubulala enziwa eSawoti ekuqaleni kwale nyanga. Uphinde wamataniswa necala laseMbumbulu lapho kwabulawa ngesihluku abantu abane (4).

Ngaphezu kwalokho, umsolwa ubefunelwa nezinsolo zokubandakanyeka ecaleni lokugetshengwa kwemoto yemali elenzeke eMlazi ngoLwesihlanu, mhla ka-5 Kwephezulu. Amaphoyisa athole ngophiko lwezobunhloli ukuthi umsolwa obehlomile ulibangise eThekwini.

Itekisi abehamba ngayo umsolwa ibonwe ngamaphoyisa, kodwa ngaphambi kokuthi ayivimbe, itekisi isuke iqonde emaphoyiseni umsolwa edubula. Amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu, umsolwa udutshulwe wafa.

Kutholwe izibhamu ezimbili (2) endaweni yesigameko. Isibhamu esisodwa sitholwa kumsolwa, kwathi esinye satholwa ngaphakathi etekisini.

Icala lokuzama ukubulala amaphoyisa libhaliswe esiteshini samaphoyisa eMaydon Wharf.

Isibhamu esitholwe kumsolwa

Image: SAPS