Izindaba

Ubehlola ibhilidi eligadwe onogada bakhe uDJ odutshulwe eGoli

Nonkululeko Nhlapo|Updated

Kuthuke abaningi kuvela izindaba zokubulawa kukaDJ Warras eGoli

Image: X

Kushaqeke abantu abaningi kuvela izindaba zokubulawa kukaDJ odumile ngaseCarlton Centre enkabeni yedolobha eGoli.

Kubikwa ukuthi uDJ Warras udutshulwe wabulawa ngesikhathi ehamba edolobheni ehlola amabhilidi asetshenzwa onogada bakhe njengoba enomsebenzi wokuqapha amabhilidi ambalwa kuleli dolobha.

Imibiko evela endaweni yesehlo uthi umsolwa ubecuthe ekhoneni waqonda kuWarras ngesikhathi ephuma ebhilidini eliqondene neCarlton Centre wamdubula Kanye ngaphambi kokuba adle phansi.

U-Warras ubephethe inkampani i-JT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services, esebenza ukuqapha imicimbi esezingeni eliphezulu kanye nokuqapha izakhiwo ezidunwe yizigebengu kanye nezenzo zobugebengu enkabeni yedolobha iGoli.

UWarras ogama lakhe langempela uWarrick Stock (40), ungowokuzalwa eThekwini kodwa wakhulela eGoli, usebenze emisakazweni efana 5FM, YFM neGagasi FM, njengamanje wethula uhlelo iNgicel' Ivisa kuMzansi Magic.

UWarras ozibiza ngoShady Lurk ezinkundleni zokuxhumana ushiya emhlabeni izingane ezintathu.