Izindaba

Bebedlubhe imifaniswano yamaphoyisa ababhujiswe ngenhlamvu

Nonkululeko Nhlapo|Published

Babili abasolwa a basale enkundleni bedubulana namaphoyisa

Image: SAPS

Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ababili okusolwa ukuthi bayingxenye yemigulukudu yamalambu aluhlaza ngeSonto, kulandela ukudubulana namaphoyisa eParys, eFree State.

Kubikwa ukuthi ithimba lezinhlaka ezahlukene zamaphoyisa aseGauteng okuhlanganisa, iTactical Response Team, Traffic Airwing, Detectives Tracking Team, Head Office Counter Intelligence kanye nezinkampani zonogada ezizimele zisebenze imininingwane yezobunhloli ngemoto yohlobo lwe-VW Golf 7 ebandakanyeka ezigebengwini zamalambu aluhlaza. Ithimba lilandele umkhondo wayo imoto yabonakala ihamba emgwaqeni u-R59 ifakwe amalambu aluhlaza. Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuyimisa, imoto isuke ngesivinini kwaholela ekutheni abasolwa badubulane namaphoyisa. Lokhu kuholele ekutheni abasolwa bahluleke ukuyilawula yashayisa uthango endaweni yaseParys.

Abasolwa ababili abebegqoke umfaniswano wamaphoyisa batholwe beshonile emotweni. Ithimba liphinde lathola izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni ezinezinhlamvu, umfaniswano we-SAPS onezimpawu, amalambu aluhlaza, izinhlabamkhosi kanye nezinombolo zokubhalisa ezingelona iqiniso.

Uphenyo lokuqala lukhomba ukuthi, abasolwa bayabandakanyeka ezigamekweni zokugebenga ezenzeke ku-R59 nakweminye imigwaqo ephakathi kwezifundazwe iGauteng neFree State. Kuthiwa baduna izimoto futhi bathumbe izisulu amahora amaningi ngesikhathi bekhipha isamba semali kuma-akhawunti azo asebhange.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa eGauteng uFrans Kekana lithi kunabasolwa ababili abathungathwa amaphoyisa ngemuva kokucela empunzini ngesikhathi kudutshulwana.

"Laba babaleke ngezinyawo ngemuva kokudutshulwa kwabulawa ababehamba nabo ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eParys, eFree State," kusho yena.