UMNUZ Abednigo Mpanza, wenkampani yabangcwabi Usizolwethu Funeral Services, usexwayise abantu ngezigebengu eziqola abantu ngegama lakhe
Image: Timothy Bernard / Independent Newspapers
UMPHATHI wenye yezinkampani zabangcwabi ezaziwayo nesezizakhale idumela ngenxa yomsebenzi wazo kule ndima, uMnuz Abednigo Mpanza wenkampani Usizolwethu Funeral Services, usekhiphe isexwayiso ngamaqola asebenzisa igama lakhe nelenkampani yakhe ukubaqola nokubathembisa ukubajoyinisa umasingcwabisane enkampanini yakhe.
UMpanza uthe kuyamkhathaza kakhulu ukwanda kwezikhalo zabantu abamthinta bethi bajoyiniswe umshwalense kamasingcwabisane wakhe ngabantu abathile ababaqolayo nabalutha ngokuthi bathi basebenzisana neSizolwethu, ekubeni kungenjalo.
"Kuyangikhathaza ukuthi umsebenzi esiwenze kanzima kangaka iminyaka engaphezu kuka-20 sakha futhi sikhulisa le nkampani ukuze ibe yilokhu eyikhona manje, bese kuba khona nje abantu abazovele baqhamuke kalula kanjalo basebenzise igama esilisebenzele kanzima ukuze bazicebise futhi badlale ngabantu bakithi ngoba behluphekile," kusho uMpanza.
Eqhuba, uthe usezwile ukuthi amaqola ayaye akhohlise abantu abasuke befuna ukuxhumana nabo ngokuthi athi bayasebenzisana, bese ejoyinisa abantu ngemali - inkinga iqala uma sekumele abantu bathole imali noma usizo sebeshonelwe.
"Yilapho okugcina sekuphoqa ukuthi singenelele entweni esingayazi, amakhasimende asesithinta esecela usizo ngoba ezitshela ukuthi abhalisa umasingcwabisane enkampanini yethu, ekubeni edlale abantu abangabakhohlisi namasela afuna ukuceba engasebenzanga.
"Wudaba esibheke ukuthi silusukumele ngokushesha lolu, futhi sesivele siludlulisele kwabaseluleka ngokomthetho ukuze sicetshiswe ngokuthi lungalungiswa futhi lwenganyelwe kanjani. Kodwa nje ngaphezu kwakho konke, besifuna ukudlulisa umyalezo wokuxwayisa abantu bakithi ukuthi bangaqoleki kalula ikakhulu njengoba sekuwuDisemba lapho okudlange ubugebengu kakhulu," kuxwayisa uMpanza.
Umasingcwabisane kaMpanza wasungulwa ngo-2003, kanti unamagatsha KwaDukuza, eThekwini, Mpangeni, Lundi, Mbizana, Lusikisiki, eGoli nakwekomkhulu lawo eMandeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal.